Amaphoyisa ase-Samora Machel axoshe isisulu ebesidinga usizo

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Lo wesifazane kuthiwa uhlaselwe ephethe ingane yakhe enezinyanga ezintathu wanqatshelwa ukuthola usizo esiteshini.

Uthi amaphoyisa amtshele ukuthi aye kwesinye isiteshi, nakuba isigameko senzeke endaweni yase-Samora Machel.

Owesifazane (25), uthi uye esiteshini samaphoyisa e-Samora Machel, eKapa, ​​eyobika ukuthi uyise wengane yakhe umshaye ngesikhathi ebambe ingane yabo enezinyanga ezintathu ubudala.

Kodwa esikhundleni sokuthi amaphoyisa amsize amxoshile.

“Ngifike esiteshini samaphoyisa ngo-19:00 kwathiwa angiye e-Philippi Browns Farm ngiyovula icala khona. Ngabuza ukuthi kanjani njengoba ngihlala e-Samora futhi isigameko sokushaya senzeke e-Samora,” esho.

Uthi elinye lamaphoyisa alizange limnake lase libiza omunye phambili.

“Ngesikhathi ngiphuma, elinye iphoyisa lathi ngeke likwazi ukungisiza ngoba isoka lami lihlala emijondolo yaseSiqalo. Ngiphinde ngamtshela ukuthi isigameko senzeke e-Samora, hhayi e-Browns Farm,” esho.

Ukhokhe u-R150 ukuze athole imito ezomubeka esiteshini.

“Sizophepha kanjani uma amaphoyisa esixosha uma sicela usizo? Nginovalo lokuthi ubaba wengane yami uzolokhu engishaya ngoba uyazi ukuthi amaphoyisa awenzi lutho,” kusho yena.

Uthe akumangazi ukuthi izisulu eziningi zokuhlukunyezwa aziwabiki amacala.

“Sihlale sibuza ukuthi kungani izisulu zihlala ebudlelwaneni obubhedayo. Manje sengiyaqonda. Abanye babo bazamile ukuthola usizo base bephoxwa amaphoyisa. Amaphoyisa afana nalawa yiwona adala ukuthi kwande udlame olubhekiswe kwabesifazane,” esho.

Okhulumela amaphoyisa ase-Western Cape, uCaptain Frederick Van Wyk, uthe uma owesifazane engajabule ngosizo alutholile, kufanele acele ukuhlangana nabaphathi besiteshi noma avule isikhalo ngokusemthethweni.

“Lawa ngamazwi abucayi abhekiswe emaphoyiseni, asiwathathi kancane, kodwa ngeke sikwazi ukuphendula kuze kube ayaphenywa,” kusho uVan Wyk.

Esithombeni esingenhla: Isesiteshini sase-Samora Machel aseKapa asolwa ngokuxosha isisulu esiyobika icala lokushaya.

Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze

Izihloko zakamuva