Amaphoyisa ase-Pakistani alisulile icala lokuhlambalaza ebelithweswe ingane encane eneminyaka eyisishiyagalombili

Arthur Greene

Ngemuva kokuba umphakathi uzwakalise izikhalazo zawo mayelana nokuboshwa komfana omncane obekwe icala lokuhlambalaza e-Pakistan, amaphoyisa agcine elisulile icala.

Lo mfana omncane oneminyaka eyisishiyagalombili waboshwa ngoNtulikazi ngemuva kokuba bamubeke icala lokuthi uchamele ngamabomu umata endaweni yomtapo wolwazi lapho kugcinwa khona izincwadi zokholo.

Ukukhululwa kwakhe kwashukumisa isixuku sabantu abangama-Muslims abahamba bacekela phansi indawo eyithempeli lyama-Hindu kwisifunda e-Rahim yar khan endaweni yase-Punjab.

Abantu abaningi abacekela phansi ithempeli baboshiwe bavela enkantolo kwathiwa kumele bahlawule imali yomonakalo abawenzile. Selilungisiwe ithempeli labuyiselwa kumphakathi wama-Hindu ngoLwesithathu.

Lo mfana omncane esingeke silidalule igama lakhe ngenxa yokuvikela ukuphepha kwakhe ucashisiwe futhi usesandleni samaphoyisa.

Iziphathimandla ziyesaba ukuthi noma ngabe icala lesuliwe, kodwa impilo yakhe isiyohlezi isengozini ngenxa yabantu abangamakholwa abangafuna ukumhlasela.

Amacala abebekwe lomfana omncane abengenasisekelo kusho uTahir Mehmood ongundunankulu wezokholo etshela umphathi.

“Laba abayidlanzana basanamalungelo alinganayo futhi labantu bawahlasela ngamabomu amathempeli”, esho. “Uphinde wathi inkolo yabo yama-Islam ayivumelani nokuhlaselwa kwamathempeli okuthandaza”.

U-Ashrafi uqinisekisile ukuthi amaphoyisa abopha lo mfana omncane aboshiwe.

Izihloko zakamuva