Amaphoyisa ase-KZN aphenywa ngecala lokushaya

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal aphenya isigameko lapho amaphoyisa abhadanywe khona ikhamera ye-CCTV eshaya umuntu ngesikhathi eqhuba umkhankaso oThongathi, enyakatho yeTheku ngoLwesihlanu ebusuku.

Kule vidiyo iphoyisa libonakala lishaya owesilisa ngempama ngaphandle kokuchukuluzwa. Ngemuva kwesikhashana, amanye amaphoyisa amaningi afike kumgilwa amhlasela. Kubonakala iphoyisa elilodwa kuvidiyo likhahlela lo mlisa obesevele ephansi laphinde lama phezu kwakhe.

UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi uyalele ukuthi kwenziwe uphenyo olunzulu ngesigameko esiholele ekutheni le ndoda ihlaselwe, kuphinde kuthathwe izinyathelo zobulungiswa uma lawo maphoyisa etholakala ukuthi enze izinto eziphambene nomthetho wokuziphatha wakwa-SAPS.

UMkhwanazi uthe ngesikhathi enza umsebenzi wawo, amaphoyisa kumele ahloniphe uMthethosisekelo kanye neKhodi yokuziphatha futhi alwele ukugcina umthetho ngaso sonke isikhathi.

“Amaphoyisa afunge ukuthi azovikela futhi asebenze, ngakho-ke akufanele nanini asebenzise amandla anikezwe wona. Imiphakathi kufanele izizwe iphephile phambi kwamaphoyisa futhi ingawesabi wona lawo maphoyisa okufanele abe yisiphephelo sayo.

“Amaphoyisa angakwazi ukuziphindiselela ngokulingana uma ezithola ehlaselwa,” kusho uMkhwanazi. Ukhomishana wengeze ngokuthi uma umbiko uveza amaphutha athile kokwenziwe amaphoyisa, izikhulu ezithintekayo zizobhekana nolaka lwezinyathelo zangaphakathi zezobulungiswa. Akekho ongaphezu komthetho, futhi lokho kuhlanganisa namaphoyisa,” kuveza uMkhwanazi.

Esithombeni esingenhla: Isithombe esiwumfanekiso.

Umthombo Wesithombe:X

Izihloko zakamuva