Everson Luhanga
Amaphoyisa ase-Kagiso entshonalanga neGoli, athi kube nokushuba okukhulu emacaleni okubulawa kwabantu kule ndawo.
Abafuna ubulungiswa baziba izixwayiso eziphindaphindiwe ezivela emaphoyiseni, futhi kwezinye izimo bakwenza lokhu phambi kwamaphoyisa.
NgoLwesihlanu olwedlule, owase-Zimbabwe oneminyaka eyi-19 ubudala uhlaselwe abahlali ebebethukuthele begane unwabu e-Rietvallei.
Kuthe noma amaphoyisa efika endaweni yesigameko, iqulu labahlali bahlule amaphoyisa laqhubeka nokushaya lo wesilisa. Amaphoyisa abesendaweni yesigameko athe kade bebaningi kakhulu abantu futhi kade esabela izimpilo zawo.
Akekho noyedwa kwabahlaseli oboshiwe.
Esigamekweni sakamuva amaphoyisa akule ndawo abophe abasolwa ababili abaneminyaka engama-21 nomunye oneminyaka engama-32 ngoLwesibili ngemuva kwezinsolo zokuthi babhunyele oshonile ngophethiloli ngemuva kwalokho bamushisa kulandela ingxabano.
E-Swaneville, umsolwa ushaywe kanzima ngezinhlobonhlobo zezikhali eshawa ngabahlali bendawo. Kamuva waphuthunyiswa esibhedlela sendawo esesimweni esibucayi.
“Ulimele ekhanda. Amaphoyisa avule icala lokushaya aqala uphenyo oluholele ekuboshweni kwabasolwa ababili, owesifazane oneminyaka engama-43 ubudala kanye nekhehla elineminyaka engama-73,” kusho okhulumela amaphoyisa ase-Kagiso ukaputeni uSolomon Sibiya.
Umsolwa ushone ngemuva kwezinsuku ezimbili kanti abasolwa babekwe icala lokubulala.
Ukaputeni uSibiya uthe unyaka nonyaka amaphoyisa kudingeka ukuthi asigxeke lesi senzo sokuzithathela umthetho ngezandla, kodwa imiyalezo ibilokhu ishaywa indiva.
Kodwa-ke abahlali abanjengo-Keletso Seopa, bathi izenzo zokuqapha zifanelekile uma amaphoyisa engawenzi umsebenzi wawo.
“Asazi ukuthi ngubani owehlula umphakathi, kungaba amaphoyisa noma izinkantolo. Njengabahlali, sikhathele umdlalo wokusolana futhi sizoxazulula izinkinga zethu zobugebengu ngendlela yethu,” usho kanje.
Kodwa ukaputeni uSibiya uthi akekho umuntu ongaphezu komthetho.
“Njengoba amaphoyisa ekuqonda ukukhungatheka kwezisulu zobugebengu, ukuthatha impilo yomuntu ngeke kube yisixazululo futhi akusoze kwabekezelelwa,” esho.
“Sizoqhubeka njengamaphoyisa ukunxusa nokuxwayisa amalungu omphakathi ukuthi ahlukane nokusebenzisa izindlela ezingenabuntu, eziphambene nomthethosisekelo nezinonya zokujezisa abenzi bobugebengu,” kusho ukaputeni uSibiya.