Amaphoyisa ase-Gauteng ayaziqhelelanisa ne-Operation Dudula

Everson Luhanga

Izikhulu zamaphoyisa ase-Gauteng ziphumele obala zaziqhelelanisa nezinsolo ezithi zisebenzisana neqembu le-Operation Dudula.

Abethimba le-Operation Dudula abane kanye nomthengisi oyedwa e-Alexandra badutshulwe kuleli sonto ngesikhathi kunesixakaxaka phakathi kwe-Operation Dudula nabanikazi bezitolo enxanxatheleni yezitolo i-Pan Africa.

Abethimba le-Operation Dudula badilize izindawo zokudayisa zabaphuma kwamanye amazwe. Bathi bonke abakwamanye amazwe  abahambe kuleli zwe, bahlole nomazisi babo.

Umholi weOperation Dudula uNhlanhla Lux Dlamini uthi ukusebenza kwabo kusemthethweni futhi kwesekwa ngamaphoyisa.

Samsung Galaxy 14G

Ngaphambi kokuthi ithimba legatsha i-Operation Dudula e-Alexandra liqale umkhankaso walo ngeSonto,ngombhalo osakazwe ezinkundleni zokuxhumana uveza ukuthi basekelwa amaphoyisa kaMasipala.

UKhomishana wamaPhoyisa e-Gauteng uLieutenant-General Elias Mawela uyakuphika lokhu.

Utshele isiteshi somsakazo esibizwa nge-Radio 702 ukuthi akazange avumele amaphoyisa ukuba ahlanganyele emsebenzini lapho imiphakathi izithathele umthetho ngezandla zawo. “Amaphoyisa athola umyalelo ehhovisini lami wokuthi noma ngubani owephula umthetho wezwe, kumele siqinise umthetho.”

ULieutenant-General Mawela uthe ngesikhathi kuqala umkhankaso e-Bara, e-Soweto, “Ngaziswa ukuthi amaphoyisa afikile futhi abadayisi base bexoshiwe.

Okhulumela uMnyango wamaPhoyisa kaMasipala waseGoli, uXolani Fihla, uthe uMnyango uyaziqhelelanisa namapheshana nemiyalezo ezinkundleni zokuxhumana enegama elithi #AlexOperationFiyela, okusolwa ukuthi likhishwe inhlangano i-Alexandra Dudula.

NgoMsombuluko kuleli sonto, i-Scrolla.Africa ikhulume neMeya yaseGoli uMpho Phalatse othe uMasipala wakuleli dolobha uyabagxeka abantu abazithathela umthetho ngezandla. Uthe uMasipala awazani ne-Operation Dudula.

Onogada abathathu bezitolo abasolwa ngokudubula bebhekise kumalungu ethimba le-Operation Dudula bavele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra ngoLwesithathu. Banqatshelwe ibheyili kanti bazophinde bavele ngesonto elizayo ukuze bafake isicelo sebheyili ngokusemthethweni.

Omunye wezisulu ezidutshuliwe, wethimba le-Operation Dudula uDumisani Nkosi uthe, “Izinhlungu bezingabekezeleleki ngesikhathi ngihanjiswa ngebhala emtholampilo wendawo i-Alexandra Masakhane.”

Njengamanje uDumisani usethungwe esweni nasendlebeni. Ihlo elilodwa livaleke ngci kanti uthandazela ukuthi aphinde abone ngalo.

Kodwa usakholelwa ukuthi ukuba ilungu le-Operation Dudula kunesizathu. “Umsebenzi esiwenzayo uzosiza isizukulwane esiza ngemuva kwami,” kusho uDumisani.

Uthe uma esebona kahle uzongenela imibhikisho kuze kube bonke abakwamanye amazwe bafulathela iNingizimu Afrika.

“Ngijabule ngokusinda kanti lezi izibazi engizozikhombisa abazukulu bami,” kuchaza uDumisana.

Khonamanjalo, uJulius Malema we-EFF ukhwele wadilika kwithimba le-Operation Dudula ePhalamende. “Manje, kunezigebengu namuhla ezibhikishayo – ezizibiza nge-Operation Dudula – ezihlukumeza abantu abangenacala, zifuna ubufakazi bobuzwe, kungenzeki lutho kuzona. Laba bantu abahlomile basebenza mahhala ngoba bayazi ukuthi leli zwe liphethwe amagwala.”

Scrolla World Cup Quiz