Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Amagaraji amaphoyisa ase-Gauteng ashoda ngomakhenikha abangu-110, okwenza izimoto zamaphoyisa zihlale ziphukile isikhathi esingangonyaka zingalungiswa.
Lokhu kushoda kushiya iziteshi zamaphoyisa zingenazo izimoto zokusebenza ezanele ukubhekana nobugebengu kanye nokugada ezindaweni eziyingozi ngendlela efanele.
Amaphoyisa ase-Gauteng athwele kanzima ekulweni nobugebengu ngoba abenele omakhenikha abangalungisa izimoto zabo eziphukile.
Isifundazwe sishodelwa ngomakhenikha abangu-110 emagaraji amaphoyisa, okusho ukuthi izimoto zamaphoyisa zivame ukuhlala isikhathi esingangonyaka zingalungiswa.
Lokhu kushiya iziteshi zamaphoyisa zingenazo izimoto zokusebenza ezanele ukubhekana nobugebengu nokuzulazula emigwaqeni, okwenza kube nzima ukugcina abantu bephephile.
UNdunankulu uPanyaza Lesufi wabelane ngalolu lwazi olushaqisayo ngesikhathi ephendula imibuzo ye-Democratic Alliance (DA) esiShayamthetho sesiFundazwe sase-Gauteng.
Uthe amagaraji amaphoyisa esifundazweni anomakhenikha abangu-262 kodwa kunezikhala ezingu-110 ezingavalwanga.
UNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi we-DA e-Gauteng, uMnuz Crezane Bosch, uthe ukushoda komakhenikha kusho ukuthi izimoto zamaphoyisa zibhajwa emagaraji izinyanga zingalungiswa.
“Kudala ukuthi kube nokushoda kwezimoto eziteshini zethu zamaphoyis, lesi simo besizogwemeka ukube izikhala bezivaliwe futhi namagaraji esebenza ngendlela,” usho kanje.
UBosch uthe lokhu akukuhle ngokwanele futhi kukhombisa ukuthi uhulumeni akabeki ukuphepha kwabantu base-Gauteng phambili noma asize abantu abangasebenzi ukuthi bathole umsebenzi.
“Ubugebengu obuningi bebungavinjelwa ukube lezi zikhala bezivaliwe, kusize amaphoyisa ukuthi alwe nobugebengu ngokuqinisekisa ukuthi izimoto zitholakala kalula. Ngaphezu kwalokho, imindeni ngabe ilala idlile ukube lezi zikhala zomsebenzi bezikhangisiwe, kunikezwe abantu abaqeqeshiwe ithuba lokufaka izicelo,” kusho yena.
I-DA ifuna uNdunankulu uLesufi akhulume noNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu noKhomishana wamaPhoyisa e-Gauteng, uLieutenant General Tommy Mthombeni, ukuze bagcwalise le misebenzi ngokushesha.
“Asikho isizathu sokushiya izikhundla ezibalulekile zingagcwaliswanga ikakhulukazi esifundazweni esike sabizwa ngesizinda sobugebengu, asikho isizathu sokuthi zingavalwa izikhala abantu bakithi abaningi bengasebenzi futhi bengenalo ithemba lokushintsha,” kusho uBosch.
Ukushoda kusho ukuthi izigebengu zinethuba elingcono lokubaleka ngoba amaphoyisa awakwazi ukubajaha ngezimoto eziphukile noma afike ezindaweni zobugebengu ngokushesha.
Esithombeni esingenhla: Iveni yamaphoyisa.
Umthombo wesithombe: Ifayela