Amaphoyisa ase-Ekurhuleni anikezwe usuku oluwumqamulajuqu ukuthi achaze ngesiteleka noma aphelelwe umsebenzi

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Amaphoyisa asolwa ngokuvala imigwaqo nokusabisa abashayeli ngesikhathi kunombhikisho wokuncishiswa kwamahora engeziwe.

IDolobha lithi lizobheka udaba ngalunye ngokwehlukana bese linikeza ithuba labo abakhombisa ukuzisola.

IMeya uNkosindiphile Xhakaza ithi amaphoyisa angu-389 oMnyango wamaPhoyisa kaMasipala waseKurhuleni athunyelwe izincwadi eziwacela ukuthi achaze ngeqhaza lawo esitelekeni esingekho emthethweni esenzeka ngomhlaka-19 kuNdasa.

La maphoyisa asenkingeni ngokuvala imigwaqo esebenzisa izimoto zeDolobha, egqoke imifaniswano yawo ephethe nezibhamu. Imigwaqo ehlanganisa u-R21, u-N17, u-N12, u-N3 ngisho nongena esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International yayivaliwe.

Umbhikisho waqala ngemuva kokuthi iDolobha linqume ukunciphisa amahora engeziwe okusebenza kusukela ku-40 kuya ku-16. La maphoyisa athi athembele kulowo mholo ukuze aphile.

Idolobha lihlonze la maphoyisa lisebenzisa amavidiyo nezithombe kwezinye abonakala esabisa ngisho abashayeli.

UXhakaza uthe isiteleka sephule imithetho yeDolobha nemithetho yabasebenzi.

“Inqubo ngaphambi kokuxoshwa ivumela iphoyisa ngalinye ukuthi lithumele incazelo ebhaliwe,” esho. “Silule usuku lo mnqamulajuqu kwaba uLwesihlanu ngemuva kwezingxoxo ne-SAMWU.

“Lesi akusona isinqumo esiphelele, iphoyisa ngalinye lizobhekwa ngokwalo, bese sicubungula ukuthi liyazisola noma cha.”

UXhakaza uphinde wathi izinsolo zokuthi amaphoyisa e-EMPD ahola kancane kunamanye akulona iqiniso.

Baphakathi kwabahola kakhulu ezweni ngisho nangaphezu kwamaphoyisa amaningi akwa-SAPS. Amaphoyisa ase-Tshwane ake ateleka ecela ukuhola imali efanayo neye-EMPD.

“Sizigcinile izithembiso zethu kuwo wonke umholo kanye nokukhushulwa kwemali kumahora engeziwe eminyakeni emibili. Isikhathi esengeziwe asilona ilungelo. Kuya ngezidingo zeDolobha kanye nokuthi amaphoyisa asebenza kanjani,” echaza.

Uqhube wathi basakhuluma nezinyunyana mayelana nomholo, ama-shift asebusuku kanye nama-stand-by pay.

Ibamba lesikhulu se-EMPD uJulius Mkhwanazi uthe amacala amane avulwe ngamaphoyisa e-SAPS ngemuva kwesiteleka. Akekho osaboshiwe, amacala asaphenywa.

Esithombeni esingenhla: Isikhulu saseKurhuleni.

Umthombo wesithombe: UDoreen Mokgolo

Izihloko zakamuva