
Everson Luhanga
Amaphoyisa ase-Botswana anqande izigelekeqe ebezizama ukubamba imoto yemali, okuholele ekutheni kudutshulwe kubulawe abasolwa abayisishiyagalolunye. OwaseNingizimu Afrika ungomunye wababulawe ngamaphoyisa ngoLwesithathu ekuseni.
Leli qembu labesilisa kukholakala ukuthi liyingxenye yeqembu lezigelekeqe ebezihlomile eziyishumi nanye ebizijaha imoto yemali ebithwele i-Pula elilinganiselwa kwimali engu-R1.2 million.
“Abesilisa abayisishiyagalolunye abaneminyaka ephakathi kuka-20 kanye no-35 ubudala, base-Botswana naseNingizimu Afrika, bashonile ngesikhathi bedubulana namaphoyisa ase-Botswana ekuseni endaweni yase-Phase 2 e-Gaborone,” lokhu kubikwe amaphoyisa ngoLwesithathu.
Amaphoyisa athi lezi zigelekeqe zizame ukuhlasela nokubamba imoto yemali e-Main Mall e-Gaborone ekuseni ngoLwesithathu.
“Izigebengu zibaleke endaweni yesigameko zalandelwa ngamaphoyisa. Kube sekudutshulwana kwaze kwalimala ezinye izigebengu,” kusho amaphoyisa.
Kwabasindile kukhona nowesifazane wase-Motswana oneminyaka engu-30 ubudala oboshwe lapho okwenzeke khona isigameko.
Isekela likaKhomishana wamaphoyisa e-Botswana uDipheko Motube uthe kutholwe kubo izibhamu ezine ze-AK-47 Assault rifle kwaphinde kwatholwa nesamba semali esingadalulwanga.
Lesi sigameko senzeke e-Botswana ezinsukwini ezintathu nje iqulu labesilisa abangu-25 abakade behlele ukubamba imoto yemali beqandwe amaphoyisa e-Rosettenville, eGoli.
NgoMsombuluko iqembu lezigebengu livulele ngenhlamvu libhekise endizeni enophephela emhlane yamaphoyisa, abakwasidlodlo nabo baphendula ngezulu lezandla.
Amaphoyisa adubule abulala izigelekeqe eziyisishiyagalombili abopha eziyishumi.
NgoLwesithathu, amaphoyisa abophe umsolwa weshumi nanye e-Tembisa emkhankasweni lapho amaphoyisa aphinde ashaqa khona izibhamu ezine ezinkulu, izibhamu ezinhlanu ezincane, nomfaniswano wamaphoyisa.
Khonamanjalo, e-Zimbabwe, kuke kwaba nokukhuphuka kobugebengu kugqekezwa izindlu, amabhizinisi, kanye nokubamba izimoto ezithwala imali kusukela ngonyaka odlule.
Emacaleni amaningi, uphenyo lwaveza ukubandakanyeka kwamaphoyisa nezikhulu zamasosha. Ngonyaka odlule, i-Zimbabwe yabeka umthetho wokuthi amaphoyisa awadubule uma ezibona esengozini ukuze babhekane nokwanda kobugebengu.