Everson Luhanga
Amaphoyisa agasele e-Tembisa ngoLwesithathu kungazelele muntu ngenhloso yokuqhuba umkhankaso wokulwa nobugebengu nokuletha ukuthula lendawo engenye yezindawo ezihamba phambili ngobugebengu kuleli.
Ephendula ochungechungeni lwamacala abucayi, uKhomishana wamaPhoyisa aseGoli uLieutenant-General Elias Mawela wethule umkhankaso we-O Kae Molao namaphoyisa akhe.
Buntekenteke ubudlelwano phakathi kwamaphoyisa nezakhamizi eziningu. Lesi senzo samaphoyisa siza ngemuva kwemashi yamalungy omphakathi aye esiteshini samaphoyisa e-Tembisa efuna ukuthi sivalwe ngenxa yokushoda kwezinsiza.
Umkhankaso uthole abasolwa abangu-237, abangu-12 kubo ngabasolwa bodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.
ULieutenant-General Mawela ukhulume ne-Scrolla.Africa wathi “i-Tembisa iyindawo ehamba phambili ezweni ngamacala odlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane”. Uthe amacala amaningi abikwa emaphoyiseni ase-Tembisa awokushaya, awomphakathi ozithathela umthetho ngezandla kanye nawokubamba inkunzi.
ULieutenant-General Mawela uthe utshwala nabo benza ukuthi kwande udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.
Ugxeke izakhamizi zaseWinnie Mandela lapho umphakathi ojwayele ukuzithathela umthetho ngezandla khona ezikhathini eziningi. “Asikwazi ukuxazulula ubugebengu ngokwenza obunye ubugebengu,” usho kanje.
Amaphoyisa aphinde avala umgwaqo ukuze akhiphe izimoto ezingekho esimweni sokuba semgwaqeni nezingenazo izimvume.
Ngemuva kwalesi sivimbamgwaqo, amaphoyisa ebehamba umgwaqo nomgwaqo endaweni yaseWinnie Mandela nase-Esselen Park lapho ebekhuluma khona nezakhamizi ngokubaluleka kokubika ubugebengu.