Amaphoyisa aphoqwa ukuvotela iqembu elibusayo eZim 

Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi

Amaphoyisa e-Junior Zimbabwe Republic Police (ZRP) athi asatshiswe abaphathi babo ukuthi bavotele i-Zanu-PF noma babe sengcupheni yokulahlekelwa imisebenzi.

Amaphoyisa athi aphoqwa ukuthi aye emhlanganweni abawubiza ngokuthi “umhlangano weqembu elibusayo” kuthiwa bayoqeqeshwa kanti njalo uma belapho batshelwa ukuthi bengavoteli elinye iqembu lezombusazwe ngaphandle kwe-Zanu-PF okhethweni lwakulo nyaka.

“Siye saphoqeleka ukuthi sibe yingxenye yomhlangano wokucobelelana ngolwazi wezinsuku ezimbili obekuwukucasha nje njengoba bekuwumkhankaso ebesisatshiswa kuwo kuthiwa sivotele iqembu elibusayo kungenjalo sizozithola singasebenzi,” kusho iphoyisa lesifazane litshela i-Scrolla.Afrika.

Umphathi wekhomishini yokhetho e-Zimbabwe uToila Silaigwan uthe ikhomishini ayikwazi ukuphawula ngalezi zinsolo ngoba ayazi ukuthi ziyiqiniso yini noma cha.

Elinye iphoyisa elizinze e-Harare ebelihambele lo mhlangano lithe iziphathamandla zigcizelele udaba lokuguqulwa kombuso e-Zimbabwe.

“Sitshelwe ukuthi kunesidingo sokuthi sisukume siqine sivikele uhulumeni wezwe ngokuvotela uMengameli uEmmerson Mnangagwa okhethweni lukazwelonke oluzayo,” esho.

“Abaphathi basitshele ukuthi kufanele senze isiqiniseko sokuthi sisebenzisa i-cadetship nokuthi senza okufanele ukuvuna i-Zanu-PF nokuthi sikhuthazane ukuthi sivotele iqembu elibusayo ukuze sivikele izimpilo zethu,” engeza.

UMengameli we-Citizens for Coalition Change uMnu Nelson Chamisa ohola iqembu elikhulu eliphikisayo naye uye waphawula wathi uyazi ukuthi amaphoyisa abhekene nani.

“Qinani maphoyisa akithi, nihlale nethembekile kwi-Zimbabwe nezakhamizi zayo. Zijwayezeni ubungcweti kuqala njengoba kushiwo ukuthi kubamnyama kakhulu uma sekuzosa,” esho.

Okhulumela i-Zanu-PF uMnu Christopher Mutsvangwa uthe yena akazi ngalezi zinsolo wengeza ngokuthi ubona uChamisa ekhuluma into eyodwa njalo.

“Ake ngisho ukuthi uma ebona sengathi ufuna ukukhankasela amaphoyisa e-ZRP akakwenze lokho ngoba ayikho into enjalo kwi-Zanu-PF. Asiphoqi muntu ukuthi avotele iqembu ngoba kuphambene nomthethosisekelo,” esho.

Uqhube wathi akuwenzi umqondo ukuphoqa umuntu ukuthi avotele iqembu elithile ngoba uma eya ebhokisini lokuvota usuke ehamba yedwa.

Ngemuva kokubuzwa ukuthi yiziphi izikhulu eziphoqa amaphoyisa ukuthi avotele iqembu elibusayo, okhulumela i-ZRP ongumsizi kakhomishana uPaul Nyathi uthe yena akakwazi lokho.

Esithombeni esingenhla: Iqembu lamaphoyisa lizulazula emigwaqeni yase-Harare

Umthombo wesithombe: ZRP Facebook page

Izihloko zakamuva