Amaphoyisa aphenya ngokushushumbiswa komsubathi wase-Britain

Dylan Bettencourt

Amaphoyisa kaMasipala wase-Britain aveze ukuthi aseluqalile uphenyo ngezinsolo zikaSir Mo Farah zokuthi washushumbiswa e-England esemncane.

Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi amaphoyisa angongoti abheka imininingwane evezwe owathola indondo yegolide kuma-olimpiki. 

UFarah udalule encwadini yakhe ethi-The Real Mo Farah ukuthi washushumbiselwa e-England eneminyaka eyisishiyagalolunye ubudala ngaphansi kwegama elehlukile kulandela impi yombango e-Somalia.

Umsubathi oneminyaka engu-39 ubudala uthe wathunyelwa kumalume wakhe e-Djibouti ebalekiselwa impi okuyilapho adayiselwa khona e-England waphoqwa ukuthi ayohlala nezithandani ayengazazi.

UFarah uthe lezi zithandani zazimphatha njengesigqila, zimphoqa ukuthi aziphekele futhi abahlanzele indlu yabo.

Uthe kwakumele enze umsebenzi wasendlini nokunakekela izingane uma efuna ukulala edlile.

“Ngatshelwa ukuthi uma ngisafisa ukubona umndeni wami kumele ngingabaphenduli ngenze lokhu engitshelwa khona,” kusho uFarah.

“Ngangivame ukuzivalela endlini yokugezela ngikhale.”

I-Metropolitan Police Service (MPS) esitatimendeni ithe bayazi ngemibiko ephuma kwabezindaba mayelana noSir Mo Farah.

“Ayikho imibiko ethunyelwe kwi-MPS ngalesi sikhathi, kusho isitatimende.

“Amaphoyisa angongoti avule uphenyo kanti okwamanje asacubungula imininingwane ekhona.”

Kule-dokhumentari uFarah uthe akadalulanga iqiniso ngoba esaba ukuthi ubuzwe bakhe base-Britain bungase buhoxiswe.

Kodwa-ke iHhovisi LaseKhaya e-Britain lithe isimo sakhe sokuthuthela kwelinye izwe angeke sishintshwe ngoba izingane azibekwa icala uma kushintshwe ubuzwe bazo ngokungemthetho.

UFarah uveze ukuthi igama lakhe langempela nguHussein Adbi Kahin nokuthi wazalelwa e-Somaliland okuyisifunda esingaphansi kwe-Somalia.

Uphinde waveza ukuthi akazange aye e-England noyise ngesikhathi eneminyaka eyisishiyagalombili ngenxa yokuthi uyise wabulawa ngesikhathi kunempi yombango.

Umthombo wesithombe: @TheTelegraph

Izihloko zakamuva