‘Amaphoyisa angishayile, angibopha ngokusiza umgilwa we-GBV’

Lubhalwe nguSibongile Nonyana

Owesifazane uvulele amaphoyisa icala lokushaya nokuboshwa ngokungemthetho njengoba ethi amaphoyisa amshaya aphinde ambopha ngezinsolo zokufihla umgilwa wodlame lobulili (GBV).

UPhuthi Makhado, (48), wase-Soshanguve, e-Block X, uthe uboshwe ngoMgqibelo ngemuva kokuba amaphoyisa amsola ngokufihla umgilwa (23) wodlame lobulili owaziwa ngelikaMakwena.

UMakhado uthe umgilwa ufike kuye ngoMgqibelo ekuseni ezocela usizo ngemuva kokushaywa yisoka lakhe elingumfundi e-Tshwane University of Technology.

“Njengelungu eliqavile le-EFF, uMakwena uze kimina ezongicela ukuba ngimsize mayelana nesoka lakhe elimhlukumezayo. Ngimeluleke ngokuthi ayobika emaphoyiseni.”

UMakhado uthe ngesikhathi uMakwena ebuya esiteshini samaphoyisa e-Rietgat ubekhala ethi amaphoyisa awazange amsize kodwa ebehlekisa ngaye.

“Ntambama kufike amaphoyisa ase-Rietgat ehamba ngamaveni amahlanu, angitshela ukuthi afuna uMakwena ngemuva kokuba isoka lakhe limvulele icala lokweba,” kusho uMakhado.

“Amaphoyisa acele ukungena endlini yami ambheke ngawavumela, ngemuva kwalokho aphuma angitshela ukuthi ngimfihlile, azongibopha ngoba ngifihla ubufakazi,” kusho yena.

UMakhado uthe unqabile ngesikhathi amaphoyisa ezama ukumbopha.

“Ngibatshelile ukuthi uMakwena angimazi nokuthi ngigcine ukumbona ngesikhathi ebuya esiteshini samaphoyisa.

“Iphoyisa lesilisa liye langiklinya langibeka idolo emhlane ngesikhathi elinye iphoyisa lesifazane lingithuka futhi lingishaya.

“Baye bangihudula bangifaka evenini. Izandla zami bezivuvukele ngemuva kokushaywa,” esho. “Ngithweswe icala lokweba, ukunqaba ukuboshwa kanye nokuphazamisa umsebenzi wamaphoyisa.”

UMakhado uthi ukhululwe esitokisini samaphoyisa ngebheyili ka-R500 ngoMsombuluko kanti kufanele abuyele eNkantolo yeMantshi yase-Soshanguve ngoLwesine, mhla zintathu kuMfumfu.

Uthe uvulele amaphoyisa ase-Rietgat icala lokushaya nokumbopha ngokungomthetho ngoLwesibili.

UColonel Rasila, umkhuzi wesiteshi samaphoyisa e-Rietgat, noLieutenant-Colonel Mavela Masondo, okhulumela amaphoyisa esifundazweni sase-Limpopo, bebengakaphenduli esicelweni se-Scrolla.Africa sokuthi baphawule ngesikhathi sokushicilela.

Izihloko zakamuva