Omunye wabasolwa ecaleni lokubulala uSenzo Meyiwa, uMuzi Sibiya uthi waboshwa waphinde washaywa ngamaphoyisa ayefuna avume icala.
Le ngxenye yokuqulwa kwecala eliseNkantolo eNkulu yasePitoli lisalindiwe ukubona ukuthi izitatimende zokuvuma icala ezenziwa ummangalelwa zingasetshenziswa yini enkantolo.
NgoMsombuluko uSibiya uthe wayengazi lutho ngecala lokubulala wathi amaphoyisa asebenzisa amandla ukuze asho ukuthi ulenzile.
Udalule ukukhahlelwa, ukushaywa ngisho nokuncishwa umoya ngopulasitiki – izenzo ezamenza wasaba waze wazichamela.
Phezu kwalokhu, ngesikhathi ekhuluma noColonel Mhlanganyelwa Mbotho, namanje uthi akazi lutho ngokubulawa kukaMeyiwa.
Kodwa ngokusho kukaSibiya, waphoqeleka ukuthi asayine amaphepha angawafundanga nangazange afundelwe wona.
Lokhu kuphambene nalokho uMbotho akusho ekuqaleni enkantolo ngesikhathi ethi uSibiya wanikeza isitatimende sakhe ngokukhululeka ngaphandle kwengcindezi futhi akakhombisanga zimpawu zokulimala ngaphandle kwamanxeba okuboshwa ngozankosi.
USenzo Meyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates wabulawa ekubo kanina kaKelly Khumalo ngoMfumfu ngo-2014.
UKhumalo noMeyiwa babethandana ngaleso sikhathi.
Icala liyaqhubeka.
Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff
Esithombeni esingenhla: Amadoda amahlanu asolwa ngokubulala uSenzo Meyiwa.
Umthombo wesithombe: File