Amaphoyisa angempela abambe amaphoyisa mbumbulu abesebenzisa izifonyo ezinophawu lwe-SAPS

Everson Luhanga

Impi yokuqeda amaphoyisa mbumbulu emigwaqeni iyaqhubeka njengoba zanda izigebengu ezigqoka umfaniswano wamaphoyisa futhi zigebenga izisulu ezinganakile.

NgoLwesibili ngezithuba zehora lesithathu ekuseni, amaphoyisa asenkabeni yedolobha laseGoli esebenzisana nethimba le-Cartrack, abambe owesilisa oneminyaka engama-34 ubudala nemoto eduniwe e-Central Jabavu e-Soweto.

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Xoli Mbele ukuqinisekisile ukuthi omunye wabasolwa uboshiwe wathweswa icala lokuduna imoto nokuthumba.

UMbele uthe umshayeli we-Taxify oneminyaka engama-31 ubudala udunwe imoto walahlekelwa imoto yakhe yohlobo lwe-Chevrolet Aveo ngesikhathi eyolanda ikhasimende ku-Anderson Street eGoli ngesikhathi imoto efana neyakhe imkhanyisa ngamalambu.

“Umshayeli uye wama ecabanga ukuthi amaphoyisa kwase kuphuma abesilisa abane ababegqoke izingubo ezijwayelekile befake izifonyo zamaphoyisa,” esho. Izifonyo bezigxivizwe ngophawu lwe-SAPS.

UMbele uthe amaphoyisa mbumbulu abuze isisulu ukuthi kungani eshayela ngesikhathi sokubuyela emakhaya amphoqa ukuthi ehle emotweni ukuze abheke izidakamizwa nezikhali eziyingozi emotweni yakhe, kodwa abe esembamba inkunzi eduna imoto yakhe.

“Omunye wabasolwa ube eseshayela imoto kanti owesilisa obebanjwe inkunzi wehliswa ezitaladini ezimbalwa eziseduze,” kusho uMbele.

Ngemuva kwalokho isisulu sithathwe ngonogada sayiswa esiteshini samaphoyisa ukuyovula icala.

UMbele uthe i-signal ye-tracker yenziwe yasebenza ekutholakaleni kwemoto kwase kuboshwa omunye wabasolwa e-Soweto ngoLwesibili.

Uphenyo luyaqhubeka kanti umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yaseGoli wanqatshelwa ibheyili.

Izihloko zakamuva