Lubhalwe nguPalesa Matlala
Amaphoyisa angabatshuzi akhiphe izidumbu ezingu-28 emifuleni nasemadamini ase-Gauteng kusukela ngoZibandlela njengoba izimvula ezinamandla zenze izinto zaba nzima kakhulu.
Amanzi angcolile, namanzi anamandla kwenze imifula ithathe imiphefumulo eminingi okuhlanganise namalungu esonto asuke ebhabhadiswa.
Amaphoyisa angabatshuzi akhiphe izidumbu ezingu-28 emifuleni nasemadamini ase-Gauteng kusukela ngoZibandlela ka-2024.
Lokhu kushona kwabantu kwenzeka ngesikhathi izimvula ezinamandla nezikhukhula zihlasele isifundazwe. Amaqembu amaphoyisa abatshuzi asebenza nsuku zonke emifuleni nasemifudlaneni ehlukene.
Kwabashonile kubalwa abagilwa ababulewe, abadoba ngokungemthetho, abantu nezimoto eziguguleke emabhulohweni, izingane ezidlala emifuleni, abantu abahlala emiseleni enamanzi abaminzile, nabahlanza ama-swimming pool ngesikhathi bewahlanza.
Sebenze imisebenzi eyishumi yokutshuza ukuze bathole izidumbu kanye nokuhlenga abangu-17. Abantu abayisithupha basindile kodwa kwatholakala izidumbu ezingu-17 ezindaweni ezahlukene.
Abantu baminza edamini lase-Vaal, e-Klip River, eSebokeng, e-Orange Farm nase-Carletonville.
Ngesikhathi ethungatha izidumbu, amaphoyisa aphinde abheka izindawo zokungcebeleka ezingu-193 nezikebhe ezingu-196. Bakhiphe izexwayiso ezingu-67 bakhipha izimpawu ezingekho emthethweni ezingu-26 emanzini.
NgoMasingana nje kuphela, abatshuzi bathole ezinye izidumbu ezingu-11. Kumanje babheka izindawo ezimbili lapho izimoto zingene khona emanzini eTshwane naseGoli.
UWarrant Officer Grant Giblin we-Rapid Response Services uthe amaphoyisa aphenya ngazo zonke izidumbu.
Sithole abagilwa ababulewe, abadobi abangekho emthethweni abaminzile, abantu nezimoto eziguguleke emabhulohweni, izingane ezidlala emifuleni, nabantu abahlala emiseleni, nabahlanza ama-pool abawele phakathi,” kusho uGiblin.
Amaphoyisa axwayisa ngokuthi imifula iyingozi ikakhulukazi i-Klip ne-Juksei.
“Labo abenza usiko lokubhabhadisa kumele bazazi izingozi ezihambisana nalokhu, kungenzeka kungcoliswe imifula yase-Gauteng efana noKlip noJuksei. Le mifula igcwele indle namakhemikhali, okwenza impilo ibe yingozi,” kusho uGiblin.
Esithombeni esingenhla: Omunye wemifula lapho kutholwe khona izidumbu.
Umthombo: Sithunyelwe