Amaphoyisa “ancoma isenzo esihle kakhulu” esenziwa umphakathi wase-Limpopo

Moyahabo Mabeba

Uphiko olulwisana nobugebengu, i-Seshego Community Against Crime and Gangsterism (SCACAG), selugqugquzelwe ukuyolwa nezigebengu elokishini eligcwele ubugebengu e-Seshego e-Limpopo.

Ilokishi elikhulu kunawo wonke e-Limpopo manje seligadwe kakhulu kulandela ukuqubuka kobugebengu obungakaze bube khona.

Umakhelwane ushayeke kakhulu ngodlame lwamaqembu ezigelekeqe, ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa, ukubanjwa kwenkunzi kuhlonyiwe, ukugqekezelwa kwemizi nokwebiwa kwezimoto, phakathi kwamanye amacala.

Umphathi-siteshi samaphoyisa e-Seshego, uColonel Rametse, ulamukele uphiko ngokuxwayisa leli qembu, wathi “Sinamandla okubhekana nobugebengu futhi noma yimiphi imizamo yanoma iziphi izakhamuzi ezigcina umthetho ukuze zithathe izinyathelo ezinqala zokubhekana nabantu abaphikisana nomthetho ziyathokozelwa kakhulu.”

UColonel Rametse wengeze wathi, “siyabakhuza abahlali ekutheni bazithathele umthetho ezandleni zabo ngoba izenzo ezinjalo zibenza izigebengu nabo. Izigebengu kufanele ziboshwe futhi zibhekane nengalo yomthetho.”

Usihlalo we-SACACAG uVincent Kunutu uthi basungule uphiko lwamaphoyisa olulwa nobugebengu ngoNhlangulana ngowezi-2020 njengendlela yabo yokugcina yokulwa nobugebengu ngoba abasakwazi ukuthembela emaphoyiseni ukuthi abagcine bephephile.

UVincent uthi lolu phiko lunamalungu omphakathi angaphezu kwayi-28,000 futhi uthi amaphoyisa ayahluleka ukulwa nobugebengu kuleli lokishi njengoba izigebengu ziqhuba kabi.

“Ubugebengu sebudlangile. Siphila ngokwesaba abafana abancane bahlukumeza imiphakathi yethu. Ababambeki futhi, basebenzise ukungasebenzi kwamaphoyisa. Kuyacaca ukuthi amaphoyisa awukho umsebenzi wawo. Kodwa-ke, ngeke sigoqe izandla zethu futhi sibuke lezi zigebengu ezisisabisayo. Sizokwenza konke okusemandleni ethu ukuze sizivikele thina nempahla yethu.”

Uphiko olulwa nobugebengu lusanda kuvula umhhume wezidakamizwa lwasindisa namantombazane amane – okubalwa kuwo nenye ekhulelwe. UVincent uthe la mantombazane abebhema i-nyaope nezinye izidakamizwa ezinamandla.

Ngesonto eledlule, onogada babambe iqulu labafana okusolwa ukuthi yibona ababambe iqhaza emkhubeni wokugqekezwa kwemizi nokubanjwa inkunzi kuhlonyiwe.

UVincent uthe, “Sibathole bephethe izikhali eziyingozi nezinto okukholakala ukuthi zisetshenziswe ngesikhathi kugqekezwa izindlu. Siqale sabashaya ngaphambi kokuthi sibanikele emaphoyiseni.”

UMarry Setati, umhlali okhathazekile, uthi amanye amalungu omphakathi ayakwamukela ukusungulwa kophiko olulwa nobugebengu.

Uthi, “Siyayibonga kakhulu imizamo yabagada ebusuku. Kade salahlekelwa ithemba emaphoyiseni nezinhlelo zezobulungiswa. Amaphoyisa nezinkantolo nje akusizi ngalutho”.

Izihloko zakamuva