Amaphoyisa amabili aboshelwe ukuntshontsha eposini

Sandiso Phaliso

Amaphoyisa amabili aphakathi kwabasolwa abayisishiyagalolunye ababoshelwe ukuntshontsha eposini ngoLwesithathu ntambama e-Macassar ngaseKapa.

Kuthiwa iqembu labasolwa lingene eposini lazenza abahola isibonelelo sikahulumeni, ngaphambi kokuthi likhiphe izibhamu lifune imali ethilini.

“Abasolwa bavele bakhomba abasebenzi ngesibhamu bafuna imali base beqala ukusesha indawo,” kusho omunye wabasebenzi etshela i-Scrolla.Africa.

“Baqale bathatha izinto zikagesi, izinto ezibalulekile zabasebenzi nezabahola isibonelelo sikahulumeni kanye nesamba semali esingadalulwanga,” kusho osebenza ePosini.

Abasolwa babe sebebaleka ngemoto, beshayela ngesivinini esikhulu.

Amaphoyisa abajahile bagcine beboshiwe abasolwa.

Ikhansela lakulesi sigceme uPeter Helfrich uthe abasolwa babanjwe e-Harare e-Khayelitsha.

“Kuletha injabulo enhliziyweni yami ukwazi ukuthi lezi zigebengu sizogwetshwa. Ngiyathemba ukuthi lokhu kuzofundisa lezi zigebengu eziphuma ezindaweni ezingaphandle kwesigceme sethu isifundo sokuthi zingaphinde zenze ubugebengu kwisigceme sethu,” kusho uHelfrich. 

Ngokuhamba kwesikhathi okhulumela amaphoyisa uSayitsheni Wesley Twigg ukuqinisekisile ukuthi “olunye uphenyo ngaleli cala luthole ukuthi abasolwa ababili bangamalungu akwa-SAPS.”

La maphoyisa amabili angadalulwanga amagama azovela enkantolo ngoLwesihlanu, futhi angamalungu e-flying squad e-Western Cape.

Okhulumela i-Independent Police Investigative Directorate u-Izzy Sipping utshele i-Scrolla.Africa ukuthi “Lolu daba alukho ezandleni zethu. Siphenya izenzo zokungaziphathi kahle ngesikhathi sisemsebenzini. Siphenya kuphela uma kuyizehlakalo zokudlwengula noma zodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane sisemsebenzini noma singekho emsebenzini.”

Izihloko zakamuva