Celani Sikhakhane
Amalungu oMbutho wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika aKwaNongoma, eNyakatho yeKwaZulu-Natali kudingeke ukuthi abheke esezimotweni zawo zombuso ngenkathi abaphangi besabalalisa isiphithiphithi edolobheni elisemakhaya elihlaselwe ubumpofu.
Amaphoyisa abengenazo izinhlamvu, izibhamu kanye ne-teargas, ngakho-ke ebengenawo amandla okumisa abaphangi.
Le mininingwane ivezwe ngesikhathi somhlangano womphakathi noCluster Commander, obubanjwe ngempelasonto ngemuva kokuboshwa kwalowo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma.
NgoLwesihlanu imiphakathi yaKwaNongoma ibihlangene ukuzohlanza idolobha layo kulandela ukuphanga okwenzeke isonto lonke.
KwaNongoma kulimale kakhulu kuleli sonto kanti namabhizinisi alo asecekelwe phansi kakhulu kangangokuba kusele isitolo esisodwa sakwa-Spar neziteshi ezimbili zokugcwalisa uphethiloli ukuthi abantu bathenge izidingo eziyisisekelo.
Ababekhona kulo mhlangano yiMeya yaKwaNongoma, u-Albert Mncwango, otshele omunye obehambele lo mhlangano, uMajor General Thulani Gonya, ukuthi umphakathi ushaye izingcingo kaningi esiteshini samaphoyisa sendawo, unxusa usizo lwawo ukuvimbela ukuphanga.
“Ngesikhathi ababhikishi besondela edolobheni, sishayele amaphoyisa ucingo sicela ukusekelwa. Kunalokho ngatshelwa ukuthi i-SAPS yaKwaNongoma ayinamandla okubhekana nababhikishi ngoba azikho izibhamu, izinhlamvu zenjoloba nezinye izinsiza zokubhekana nababhikishi. Ngisho nalawo maphoyisa ambalwa afike edolobheni, ebehleli ezimotweni zawo zombuso ebuka abantu bephula ezinye izitolo obekuyizitolo zotshwala nama-ATM,” kusho uMncwango.
Uthe isimo sishube kakhulu kwafaneleka ukuba babize amaphoyisa asemadolobheni angomakhelwane njengasoLundi, okuyibanga elicishe libe yihora ukusuka kwaNongoma, ukuba eze azosiza.
Abamele umphakathi bathi abantu abaphange impahla bashisa uNongoma ngabakwamanye amadolobha afana ne-Newcastle, oPongolo, e-Vryheid kanye nasoLundi.
Balandelwe ngezinombolo zezimoto zabo, iningi labo sebeboshiwe ngemuva kokubanjwa nezimpahla eziphangiwe.
Ngesikhathi kuqhubeka lo mhlangano, kusolwa ukuthi osomabhizinisi ngisho nabanye abafundi besikole bayabandakanyeka ekuphangeni okwenzeke kwaNongoma.
UMajor General Gonya ushaqekile ngalezi zinsolo futhi wafunga wagomela ukuthi uzophenya yonke indawo ukuthola ukuthi kungani amaphoyisa aKwaNongoma ehluleka ukuvikela nokubopha abaphangi.