Amaphoyisa akuleli asezosebenzisa izindiza

Dylan Bettencourt

Umbutho wamaphoyisa akuleli (SAPS) uzothenga izindiza ukuze asize ukulwa nobugebengu ezweni lonke.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele ukuqinisekisile ukuthengwa kwezindiza ePhalamende ngemuva kokucelwa ngumholi we-Freedom Front Plus uPieter Groenewald.

UCele udalule ukuthi kuzothengwa izindiza ezingu-166 ezizosebenza emoyeni ezindaweni ezingu-43 okuhlanganisa nezasemakhaya.

Izindiza zizosetshenziswa izikhungo zamaphoyisa, izikhungo zesifunda  ne-Safer City Projects.

Amayunithi akhethekile e-satellite Drone azosebenzela iziteshi zamaphoyisa ezimbalwa.

Amaphoyisa abengakaziqinisekisi lezi zindaba ngokusemthethweni, kodwa kuthiwa kuqeqeshwa amaphoyisa mayelana nokusetshenziswa kwezindiza, ngokusho kwe-Sunday Times.

Imibiko yangoNhlaba ithi umbutho wamaphoyisa usebenzise imali engaphezu kuka-R100 million ukuthenga ama-hi-tech drones kanye nama-grabbers okusekuphele isikhathi esingangonyaka engasetshenziswa.

Izindiza ezingu-15 seziqalile  ukusebenza njengoba kukhona amaphoyisa amabili kuphela anelayisensi edingekayo yokusebenzisa zona.

Ukusetshenziswa kwezindiza ukulwa nobugebengu kuleli futhi akuwona umqondo omusha. U-Eskom usanda kuqala ukusebenzisa izindiza ukuze unciphise ukucekelwa phansi kwengqalasizinda. 

Idolobha laseKapa nalo lisohlelweni lokusebenzisa kwezindiza embuthweni wamaphoyisa kanti idolobha selihlinzeke ngezindiza eziyisithupha ezisazobhaliswa futhi kukhishwe namalayisensi azo.

Inkampani ezimele yonogada i-Fidelity Services isebenzisa izindiza ukuze iqhubeke nokuvikela amakhaya alabo abasebenzisana nabo.

Isikhulu esiphezulu se-Fidelity uWahl Bartmann uthe ukusetshenziswa kwezindiza kusahamba kahle kakhulu ezindaweni ezikude nezihlala abantu.

Umthombo wesithombe:@DSLRPros

Izihloko zakamuva