Marion Edmunds
Iqale kubanjwa inkunzi imoto yemali e-Macassar yaze yaphela ezitaladini zase-Stellenbosch, ngemuva kokujaha imoto amakhilomitha angama-20.
Kusabalale ividiyo ezinkundleni zokuxhumana etshengisa abesilisa abathathu bephethe izibhamu bephanga iveni lemali enxanxatheleni yezitolo i-Macassar emnyango wesiteshi samaphoyisa, ngezikhathi zasemini ngoLwesine olwedlule.
Ngemuva kokulimaza unogada, nokuduna izimoto ezimbili, izigebengu ezintshontsha imali zishaye imoto ngesivinini zaya e-Stellenbosch namaphoyisa nabezokuphepha bebajaha nezinhlamvu ziqhamuka kuzo zonke izimoto.
E-Stellenbosch, abaphangi baduna i-Volkswagen Caddy emhlophe ku-Dorp Street, enye yezindlela ezindala kunazo zonke eNingizimu Afrika, base beqhubeka nohambo lwabo bedlula leli dolobha.
Ngale kweKayamandi, ngaphandle kwenkaba yedolobha, izigebengu ebezikhungathekile zihlangabezane nesivimbamgwaqo samaphoyisa, zaphoqeleka ukuthi zingene ngemoto elokishini elisentabeni.
Ngebhanoyi lamaphoyisa ebelizulazula phezulu namaphoyisa evimbe imigwaqo, abaphangi ababevalelekile bashiya izimoto zabo base bebaleka ngezinyawo.
Indiza enophephela emhlane ithole imoto ebekubalekwa ngayo kwaboshwa abasolwa abathathu erenki yamatekisi.
USergeant Clint Skippers olimalile kulesigameko uvakashelwa esibhedlela nguNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele nalowo obambile njengoKhomishani weSifundazwe saseWestern Cape uMajor General Patekile ngoMsombuluko.
Isikhulu sezokuphepha sincome isenzo sophiko lwe-SAPS, amaphoyisa endawo nezinkampani zonogada.
“Ngingasho kugcwale umlomo ukuthi umbutho wezempi bewungeke wenze kangcono,” esho.
Abasolwa abathathu bagcinwe esitokisini kanti bavele enkantolo ngamacala okuzama ukubamba inkunzi nokuzama ukubulala. Izicelo zabo zebheyili zizolalelwa ngoNhlaba mhla ziyi-13 nomhla ziyi-14.
Umthombo wevidiyo: @SISONKE_MD