Zukile Majova
INdlunkulu kaZulu igcwele intukuthelo ngemuva kokuthi amaphoyisa eqinisekise ngoMgqibelo ebusuku ukuthi azohoxisa uphiko lwe-SAPS VIP Protection Unit esigodlweni saKwaKhangelamankengana.
Lokhu kungenxa yokuthi iNkosi yamaZulu uMisuzulu Zulu kaZwelithini akakabekwa ngokusemthethweni ngumbuso.
UMntwana uMangosuthu Buthelezi, uNdunankulu Womdabu weNgonyama neSizwe sakwaZulu ukuqinisekisile lokhu izolo ebusuku wathi labo abagada isigodlo bahoxile izolo ebusuku.
“Ngakho-ke ngeke besakwazi ukuhlinzeka ngezokuphepha kwiNgonyama yakaZulu. Kuyaqondakala ukuthi labo abasesigodlweni bazohoxa ebusuku, kanti labo abahlinzeka ngezokuphepha lapho okuhleli khona iNkosi, nabo bazohoxa ekuseni.”
UButhelezi obethukuthele eganunwabu uthe lokhu bekungafanele kwenziwe njengoba ukuvikelwa kwe-VIP kuhlinzekwa ngokwesidingo hhayi ngokwesikhundla.
“Ngokwazi kwami kusukela eminyakeni yokusebenza komphakathi ukuthi ezokuphepha ze-SAPS azihlinzekwa ngesisekelo sezinga lomuntu, kodwa ngesisekelo sokuhlolwa kwezinsongo. Kubukeka kucace bha ukuthi oNgangezwe Lakhe iSilo Samabandla sizofakwa encupheni ebucayi uma kuzohoxa ezokuphepha ngalesi sikhathi.
“Yize kunobungozi obucacile nobukhona njengamanje, ngaziswe ukuthi uBrigadier ophethe wabavikeli be-SAPS abasebenza eSigodlweni usekuqinisekisile ku-Advocate Mshololo, naye obekhona esigodlweni, ukuthi bayalelwe ukuthi bahoxe. INdlunkulu kaZulu kanye neNdlunkulu yamaSwati bashaqekile ngalokhu okwenzeka kungazelelwe.
“Ngakho-ke ngiyanxusa isizwe ukuthi sisize ekutholeni indlela yokugcina ukuphepha kweNkosi yamaZulu, ukuqinisekisa ukuthi iyavikelwa kulesi sikhathi esinzima.”
Inkosi entsha kudingeke ukuthi ibalekiswe ngaphansi kwesivikelo esinzima samaphoyisa ngoLwesihlanu ngemuva kokufundwa kwefa likanina.
Unina ongasekho, iNdlovukazi uMantfombi Dlamini Zulu, waqoka indodana yakhe esihlalweni sobukhosi.
Kuthathe umhlangano wosuku lonke ngoMgqibelo ukuthi amalungu aphezulu eNdlunkulu kaZulu aqinisekise iqembu labahlubuki basebukhosini emndenini ukuthi athembeke enkosini esazobekwa uMisuzulu.
INkosana uMboniso kanye neNkosazana uThembi bebehola uthuthuva lokuphikisana nokugcotshwa kweSilo esisha.
Umhlangano wayizolo uphinde wabhekana nemizamo yenkosikazi yokuqala yeNkosi uGoodwill Zwelithini ongasekho, iNdlovukazi uSibongile Dlamini kanye namadodakazi akhe inkosazana uNtandoyenkosi noNtombizosuthu, abaya eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ukuyophikisana nokuba semthethweni kwefa leSilo Samabandla uZwelithini.
UButhelezi ukuqinisekisile ukuthi bakhona abanye abazenzisayo ebukhosini kodwa wathi lokhu akusiyo into engajwayelekile.
“Njalo uma kugcotshwa iNkosi entsha, kuhlale kukhona abanye abafisa ukuthatha isihlalo sobukhosi. Ngakho-ke kuvamile impela emlandweni wesizwe samaZulu.”