Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Amaphoyisa akwa-SAPS ngoMsombuluko ahlenge usomabhizinisi wase-Portugal owathunjwa ebhusha lakhe e-Florida entshonalanga neGoli.
Amaphoyisa abophe omunye wabathumbi kanti athungatha abanye abasolwa.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Athlenda Mathe, uthe amaphoyisa, ezinyangeni eziyisithupha ezedlule, ahlenge osomabhizinisi abangu-12 nabafundi abayisithupha ababethunjwe abasolwa ukuze bathole imali.
“Lo wesilisa wathunjwa emagcekeni ebhizinisi lakhe e-Florida ngomhlaka-24 kuNhlangulana,” kusho uMathe.
NgoMsombuluko kusihlwa, mhlaka-1 kuNtulikazi, ithimba lithole umkhondo womgilwa emzini ose-Snake Park, e-Soweto lapho abethunjwe khona.
Ngabo lobo busuku, amaphoyisa abophe omunye wabathumbi bakhe e-Turffontein eningizimu yeGoli.
Umsolwa oneminyaka engu-39 ubudala kukholakala ukuthi uyingxenye yethimba elibhekene nokuthumba okungenani abantu abane okungosomabhizinisi baseGoli.
“Ithimba kumanje lithungatha abanye abasolwa ababambisene nomlisa oboshiwe,” kwengeza uMathe.
Ezimeni lapho kuhlengwe khona osomabhizinisi nabafundi, ayikho imali ebisakhokhiwe kubasolwa.
UMathe ubike ukuthi kusukela ngoMasingana 2024 kuze kube manje, bangu-49 abathumbi asebeboshiwe e-Gauteng, e-North West, nase-Free State ngokufuna imali emindenini yabagilwa.
Ukwengeza, izimoto ezingu-21 ezisetshenziselwa ukwenza lobu bugebengu zithathiwe, kwaphinde kwathathwa nezibhamu eziyisishiyagalombili.
Esithombeni ngenhla: Umsolwa oboshwe mayelana nokuthumba usomabhizinisi wase-Portugal.
Umthombo: SAPS