Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Amaphoyisa alandelele umthumbi waseMozambique uDollarman endaweni engu-R21 lapho adutshulwe washona khona ngesikhathi kudutshulwana.
Ithimba elilwa nokuthumba selibophe abathumbi abangaphezu kuka-337 kusukela ngoNtulikazi wangi-2021 futhi lashaqa izibhamu ezingekho emthethweni ezingu-146.
Ithimba lamaphoyisa aseNingizimu Afrika elilwa nokuthumba lisindise usomabhizinisi oyiNdiya obegcinwe emjondolo ose-Alexandra.
Lo somabhizinisi utakulwe ngemuva kwamabili ngoLwesine, mhlaka-4 kuMandulo, kulandela impi yezibhamu namaphoyisa emahoreni adlule. Wathunjwa mhlaka-23 kuNtulikazi eBenoni.
Amaphoyisa athungathe ungqondongqondo, umthumbi odumile waseMozambique obizwa ngoDollarman, aze ambamba eduze nomgwaqo u-R21 eKempton Park ngoLwesithathu ebusuku.
Kuwubuke impi yezibhamu wadutshulwa washona.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Athlenda Mathe uqinisekise imininingwane, wathi uDollarman ubefunwa uthuli eNingizimu Afrika naseMozambique.
Ubesohlwini olufunwa izwe lonke eMozambique ngamacala amaningi okuthumba mase efuna imali.
ENingizimu Afrika, uke wamataniswa namacala amahlanu okuthumba nobunye ubugebengu obuhlanganisa ukugqekeza, ukuntshontsha izimoto nokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.

UMathe uthe kusukela ngoNtulikazi wango-2021 kuze kube manje, amaphoyisa abophe abathumbi abangaphezu kuka-337 ashaqa nezibhamu ezingaphezu kuka-146 ezingekho emthethweni.
Wengeze ngokuthi ngesonto eledlule amaphoyisa abophe abasolwa abangaphezu kuka-14,773 ngamacala okubalwa kuwo nawokubulala nokudlwengula.
Zingu-163 izibhamu ezingekho emthethweni ezathathwa ngesikhathi se-Operation Shanela.
Isithombe esingenhla: Imoto idutshulwe ngesikhathi sokudubulana nasendaweni yobugebengu.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
