Lubhalwe nguSelloane Ntshonyane
I-SAPS ihlenge osomabhizinisi ababili abebethunjwe ehlathini elingaku-R21 ngemuva kokudunwa kwe-SUV yabo.
Abasolwa babaphoqe ukuthi bakhiphe amakhadi asebhange nama-PIN ukuze bantshontshe izizumbulu zemali.
Osomabhizinisi ababili badunwe imoto bathunjwa e-Midrand ngaphambi kokuthi bayiswe ehlathini ngesikhathi izigebengu zikhipha imali emabhange.
Ithimba le-SAPS elilwa nokuthumba lihlenge la madoda laphinde lathola imoto yawo yohlobo lwe-Range Rover SUV entshontshwe ngemuva kwesigameko sangoMsombuluko ngomhlaka-14 kuMbasa.
Akekho osaboshiwe okwamanje, kodwa amaphoyisa aphume umkhankaso wokufuna abathumbi.
I-SAPS ithe izisulu zithathwe yiqulu lamadoda abehamba ngemoto yohlobo lwe-Hyundai i10 (silver/grey).
Baphoqeleka ukuthi bakhiphe amakhadi abo asebhange nama-PIN. Abasolwa babe sebekhipha imali eningi ngesikhathi bebagcine ehlathini ngaku-R21.
I-SUV yabo itholakale kamuva eTembisa.
UBrigadier Athlenda Mathe uthe: “Sithanda ukuqinisekisa isizwe ukuthi i-SAPS inabo ubungcweti obudingekayo bokuhlenga abantu abathunjiwe futhi sinxuse abangani, imindeni kanye nababukele ukuthi batshele amaphoyisa ngokushesha uma beqaphela noma yibuphi ubugebengu okuhlanganisa ukuthumba.”
Ngokwezibalo zobugebengu ze-SAPS, ukuthunjwa kunyukile kule minyaka eyishumi edlule, kukhule ngamaphesenti angu-264, kusuka emacaleni angu-4,692 ngo-2014/15 kuya kwangu-17,061 ngo-2023/24.
Esithombeni esingenhla: I-SAPS Anti-Kidnapping Unit.
Umthombo wesithombe: SAPS