Amaphoyisa ahlenge abesifazane abebeshushumbiselwe kuleli 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Abesifazane ababili abasebasha abashushumbiselwe kuleli ngemuva kokuthenjiswa imisebenzi batakulwe ngemuva kokuthi iziphathimandla zithole ulwazi lwezobunhloli mayelana nenethiwekhi yokushushumbiswa kwabantu ezinze eGoli exhaphaza abesifazane base-India.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe ukuqinisekisile ukutakulwa kwabesifazane nokuboshwa kwabasolwa abayisithupha.

“Ngokucutshungulwa kwedatha nokusebenzisana kwezinhlaka zamazwe ngamazwe, izisebenzi zenethiwekhi ezisebenza e-India, e-Dubai nakuleli ziboshiwe,” esho.

“Uphenyo luveze ukuthi izisulu zahehelwa kuleli ngezethembiso ezingamanga yilaba abenza ubugebengu abasebenza kuleli nase-Dubai kanti bazophoqwa ukwenza izinto ezingalungile uma befika kuleli.

“Abezobunhloli badalule indlela okwenziwa ngayo lobu bugebengu futhi baphawule ukuthi izisulu zagcina zihehelwa ukuba ziphelezele amakhasimende nokuyinto egcina ibaholele ocansini,” kusho uMathe.

Imali etholwa uma kwenziwa le mikhuba idluliselwa ngqo kumalungu alobu bugebengu.

Kuhlengwe abesifazane ababili base-India abatholwe bevalelwe egumbini elicashile. Abasolwa abayisithupha baboshwe esiteshini samaphoyisa e-Brixton futhi kukholakala ukuthi bayabandakanyeka ekuthumbeni nasekushushumbiseni abesifazane.

Uphenyo lwakamuva luveze ukuthi leli qembu lithumbe abanye besifazane okungenani abayisithupha ngenyanga edlule.

Ngesikhathi begasela, izikhulu zithole amaphasipoti kanye nezimpahla zezisulu.

Amaphoyisa athi izisulu bezihanjiswa ezindaweni ezahlukene ezitholakale kuzo kanye nendawo yokuhweba ngaphansi kokuqashwa abantu abathathu base-India abaphakathi kwababoshiwe.

Amaphoyisa ashaqe omakhalekhukhwini abaningi, imali kanye nenqwaba yamaphepha okuhlanganisa namaphasipoti ngesikhathi egasela.

Abasolwa ababoshiwe kulindeleke ukuthi babekwe amacala okushushumbisa abantu, ukushushumbisa ucansi, ukuthumba kanye nokuqola kanti kulindeleke ukuthi bavele enkantolo ngoLwesihlanu. 

Esithombeni esingenhla: Abasolwa ababoshelwe ukushushumbisa abantu.

Umthombo wesithombe: SAPS

Izihloko zakamuva