Zukile Majova
Ukugasela kwamaphoyisa epulazini lensangu e-Worcester eNtshonalanga yeKapa kuveze inqolobane yezikhali nensangu eyenele ukubhenywa i-Boland yonke kuze kufike uKhisimusi.
Okhulumela amaphoyisa aseNtshonalanga yeKapa uKaputeni uFC Van Wyk uthe, balunywe indlebe ilungu lomphakathi, bese abophiko lwe-National Intervention eKapa kanye nabophiko lwe-Worcester anti-gang bagasela kuleli pulazi e-Fairy View, e-Brandwacht, e-Worcester.
Uthe amaphoyisa ashaqe izitshalo nemishini yokulima eyizi-1 120 ebalelwa emalini eyizigidi ezi-R2.2.
Baphinde bathola izibhamu ezingama-24, inqwaba yezinhlamvu kanye nohlobo lwebhomu elijikijelwa ngesandla.
“Abasolwa abahlanu besilisa abaneminyaka ephakathi kwama-33 nama-50, nabesifazane ababili abangabasolwa abaneminyaka engama-36 kanye nama-39 baboshwe ngamacala okulima insangu, ukutholakala neziqhumane, izibhamu kanye nezinhlamvu ezingekho emthethweni,” kusho uVan Wyk.
Abasolwa kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yase-Worcester uma sebethweswa amacala.