Celani Sikhakhane
Izibhamu, imimese, izinhlamvu, umfaniswano wamaphoyisa nozankosi lokho idlanzana lezinye zezikhali ezitholwe amaphoyisa ngesikhathi egasela endaweni yokucima ukoma yodumo oLundi KwaZulu-Natal.
Lo mkhankaso owenziwe ngoLwesibili ntambama wophiko lwezobunhloli e-Zululand wenziwe amaphoyisa akwa-SAPS endaweni yase-Ebony Shebeen e-Mbilane KwaZulu-Natal ngemuva kokulunywa indlebe ngalezi zikhali.
Indawo yokucima ukoma ebizwa nge-Ebony idumile oLundi kanti ivamise ukusingatha osomabhizinisi abasafufusa, osopolitiki nosaziwayo.
Umthombo wamaphoyisa utshele i-Scrolla.Africa ukuthi le thaveni yaziwa njengendawo ephephile yezigebengu. Kwabulawa abantu abathathu okuhlanganisa nephoyisa elabulawa ngo-2015.
Umholi womphakathi ongathandanga ukuthi kudalulwe igama uthe sekuphele iminyaka bekhala ngobugebengu obenzeka kule thaveni.
“Sinezinkinga zokuphepha futhi abantu bayabulawa. Siyajabula ukuthi ekugcineni kufike amaphoyisa athola izigebengu kuleyo thaveni.”
Indawo yokucima ukoma iqhele ngamakhilomitha ambalwa kwisiShayamthetho saKwaZulu-Natal esidala oLundi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiwe Ngcobo uthe kuphinde kwathathwa utshwala obubiza u-R70 000 ngemuva kokuseshwa kwendawo ngemuva kokuthi ivalwe.
Uphinde waqinisekisa ukuthi umnikazi wethaveni uboshiwe kanti uzovela enkantolo maduze.
I-KZN isanda kwehlelwa izigameko zokubulawa kwabantu emathaveni osekudlule nemiphefumulo engu-11 ngoNtulilazi eThekwini naseMgungundlovu.
Uphiko lwezobuNhloli e-Zululand lwe-SAPS lisukumele lolu daba ngokushesha ngemuva kokugxekwa kwalolu phiko ngokulala emsebenzini nangokuhluleka ukubona izenzo zobugebengu ebezihlelwe kahle okubalwa nezinxushunxushu zangoNtulikazi.