Amaphoyisa agasele emgwaqeni yase-Alex abopha abantu ngokwephula imithetho ye-Covid

Everson Luhanga

Amaphoyisa ase-Alex athumele umyalezo onzima ngoMgqibelo ebusuku emkhankasweni we-O Kae Molao.

Abezomthetho abavela kuyo yonke iminyango eminingi, okubandakanya i-SAPS, uMnyango Wezasekhaya kanye naMaphoyisa oMkhandlu, babophe abantu abaningi futhi amashibhi amaningi angekho emthethweni avalwa ebusuku.

UKhomishani Mawela uthe badinga ukulawula indlela abantu abaziphatha ngayo engaholela ekusabalaliseni kakhulu i-Covid.

“Kumele siqhubeke nokulwa nobhubhane lwe-Covid-19,” etshela abezindaba.

“Abantu kufanele baqhubeke nokulandela imithethonqubo ebandakanya ukugqoka izifonyo futhi bagweme ukuya emicimbini egcwele abantu.”

Uthe i-Alex iyisizinda sobugebengu obufana njengokudunwa kwezimoto nokubamba inkunzi.

“Ngesikhathi silapha, [bekukhona] umsolwa obambe inkunzi endlini waduna nemoto e-Lysfield,” esho.

“Umsolwa ungene emgwaqeni wethu wabe eseboshwa kanye nesibhamu asiphuce isisulu.”

Phakathi kwezikhulu ebezihambele lo mkhankaso kubalwa uKhomishana wamaPhoyisa esifundazwe sase-Gauteng u-Elias Mawela, uNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi uFaith Mazibuko nezikhulu zoMnyango kazwelonke wamaphoyisa, izikhulu zesifundazwe kanye nabaphathi beziteshi.

UNgqongqoshe Wezokuphepha Komphakathi uFaith Mazibuko uthe: “Asiphephile kuleli gciwane elidlangile. Kungumsebenzi wawo wonke umuntu ukuthi aqinisekise ukuthi uphephile kuleli gciwane.”

UMazibuko ubelokhu ekhumbuza abantu ababemiswa futhi beseshwa ukuthi bagqoke izifonyo zabo.

Lo mkhankaso awuphelanga ngaphandle kwesehlakalo somshayeli obezame ukubaleka ngemoto yakhe.

Amaphoyisa abe esebajaha kanti yena nabagibeli abathathu bamiswa.

Ngemuva kwamabili, ulayini wezimoto zamaphoyisa ububheke emashibhini lapho amaphoyisa afice khona abantu besazijabulisa.

E-Swetla, amaphoyisa afice iqembu labantu abangaphezu kwama-50 bephuza ebheshini emgwaqeni. Umnikazi wethaveni obesebenza ngokungemthetho uboshiwe waphucwa notshwala.

Umkhankaso uphele cishe ngehora le-3 ezintathakusa.

Izihloko zakamuva