Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Amaphoyisa aseGauteng agasele ifemu ekhiqiza izimpahla zomgunyathi eKempton Park.
Kuboshwe abasolwa abahlanu ngokuqhuba lo mkhankaso ongekho emthethweni, wokukhiqiza itiye lomgunyathi laseHamburg, iGold Star instant yeast, nezinwele (synthetic).
Amaphoyisa ashaqe imikhiqizo nemishini elinganiselwa ku-R2.5-million.
Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Thatohatsi Mavimbela uthe le femu utholwe ngemuva komkhankaso wabo ngoLwesine endaweni eseBredell, eKempton Park.
“Ithimba lezinhlaka ezahlukene lishaqe izimpahla zomgunyathi nemishini cishe engabiza u-R2.5-million,” kusho uMavimbela.
“Iziphathimandla zigasele endaweni eseKempton Park ebisetshenziswa njengendawo yokugcina izimpahla zomgunyathi, okuhlanganisa ama-sanitary pads, itiye laseHamburg, i-Gold Star yeast kanye nezinwele.”
Olunye uphenyo luholele amaphoyisa esitolo eBoksburg, lapho kuboshwe khona abantu abahlanu abaneminyaka ephakathi kuka-20 no-30 ngesikhathi behambisa le mikhiqizo engumgunyathu ezitolo ezahlukene endaweni.
“Abasolwa abahlanu kulindeleke ukuba bavele ePalm Ridge Specialized Commercial Crimes Court ngoMsombuluko ngomhlaka-2 kuMandulo, ngokwephula isigaba 2 soMthetho Wezimpahla Zomgunyathi okungunombolo 37 ka-1997. Uphenyo lusaqhubeka,” kusho uMavimbela.
Isithombe esingenhla: Imishini etholwe efemini eyenza imikhiqizo yomgunyathi e-Kempton Park, eGauteng.
Umthombo: Oklebe