
Celani Sikhakhane
Kudutshulwe kwabulawa umsolwa omataniswa nokubulawa komholi wendabuko inkosi uHlanganani Cameron Biyela ngonyaka odlule, ngesikhathi edubulana namaphoyisa esontweni abecashe kulo.
Umsolwa uye wayocasha ngemuva kokubulawa ngesihluku kweNkosi uBiyela emzini wakhe oseDlangubo eMpangeni ngonyaka odlule. UBiyela wayenguSihlalo weNdlu yoBukhosi eSifundeni iKing Cetshwayo.
Ngemuva kokulunywa indlebe, ithimba labaseshi lilandele umsolwa osolwa ngokubulala kanye nabanye ababili ayehamba nabo ebandleni lendawo e-Matchana eNgwelezane ngaphandle kwaseMpangeni.
“Amaphoyisa ahlangabezene nezinhlamvu zesibhamu ziphuma endlini yesonto ngesikhathi efika endaweni eshiwo,” kusho okhulumela amaphoyisa uColonel Nqobile Gwala.
Izinhlamvu bezindiza zinqamula esontweni ngesikhathi kuqubuka ukudubulana.
“Ngesikhathi kudutshulwana kushone umsolwa oyedwa okukholakala ukuthi uneminyaka engu-30 ubudala,” kusho uColonel Gwala.
Ngemuva kwengxabano yamaphoyisa nabasolwa, amaphoyisa athole isibhamu kumsolwa okukholakala ukuthi yisona esasetshenziswa ukubulala uBiyela.
Abasolwa ababili abasele baboshwe endaweni yesigameko.
Ukubulawa kweNkosi uBiyela kuqubule umsindo emakhosini anxusa uhulumeni ukuthi enze okuthe xaxa ukuwavikela.
Ngesonto eledlule uNdunankulu waKwaZulu-Natali, uMnu Sihle Zikalala, umemezele ukusungulwa kwethimba elizosebenzisana namaphoyisa akwa-SAPS ukulwa nokubulawa kwaMakhosi.
Kuphinde kwavela ukuthi esikhathini esiningi abaholi bendabuko ikakhulukazi aMakhosi neziNduna bayabulawa ngenxa yokungaboni ngasolinye emindenini ngenxa yamaholo abo.
INkosi uBiyela yahlaselwa yabulawa ngamadoda amane emzini wakhe ngesikhathi evula isicabha soronda wakhe.