Amaphoyisa adubule inyanga ngemuva kokuthi isiguli sayo esishonile sitholakale sishile

Moyahabo Mabeba

Kushone abantu ababili.

U-Elizabeth Mokau, ushe wangqongqa – okusolwa ukuthi ushiswe inyanga yakhe uPiet Modisotswile.

UModisotswile ube esedutshulwa ngamaphoyisa, washona ngemuva kwesikhashana.

Amalungu omphakathi e-Tshelammake, e-Witpoort eduzane nase-Lephalale e-Limpopo, athe akuzwile ukukhala kabuhlungu kowesifazane ecela usizo ngoLwesihlanu ntambama.

Umakhelwane uFrancinah Mmamatjie uthe babize amaphoyisa abahambe nawo baya endlini yenyanga.

“Ngesikhathi amaphoyisa efika, isangoma sinqabile ukuba angene,” esho.

“Besicabanga ukuthi lo wesifazane usesengaphakathi endlini, kodwa ubevele esebulewe ethungelwe ngomlilo. Siyakuqonda ukuthi ngemuva kokumbulala umfake isondo likagandaganda entanyeni wamshisa”.

Ngemuva kwalokho, ngokusho kukaFrancinah, inyanga iqale ukulwa nabo bonke abantu, kubandakanya namaphoyisa.

“Amaphoyisa adubule ngezinhlamvu zenjoloba ukuze amhlule. Kamuva, sambona elele phansi. Sibe sesibona isidumbu sowesifazane esishile egcekeni”.

UBrigadier Motlafela Mojapelo, okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo, uthe bavule idokodo lophenyo kanti i-Independent Police Investigative Directorate (i-IPID) ivule icala mayelana namaphoyisa avulele ngenhlamvu.

UMojapelo uthe: “Kuzokwenziwa ukuhlolwa kwesidumbu ukuthola imbangela yokushona kwakhe”.

UGrace Langa, okhulumela i-IPID uthe: “Siphenya icala lokubulala”.

Izihloko zakamuva