Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Amaphoyisa ahlenge usomabhizinisi waseBenoni ngemuva kokuthi elunywe indlebe okulapho afike atholana phezulu nabathumbi e-Ivory Park.
Kuboshwe abasolwa abayisishiyagalolunye kwatholwa izibhamu ezintathu ngemuva kokushona komthumbi oyedwa elwa namaphoyisa.
Kushone umthumbi obesanda kuphuma ejele kwaboshwa abehamba nabo abayisishiyagalolunye ngesikhathi amaphoyisa ezotakula usomabhizinisi e-Ivory Park ngoLwesibili, kubika amaphoyisa.
Ithimba lamaphoyisa kanye nezinkampani zonogada ezizimele balunywe indlebe mayelana nezinhlelo zokuthumba usomabhizinisi waseBenoni. Ngesikhathi bengena, umsolwa oyedwa uqale ukudubula amaphoyisa.
Amaphoyisa aphindisele ngezinhlamvu kwashona ushayasibhamu osanda kuphuma ejele. Abanye abasolwa abayisishiyagalolunye baboshwa.
Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Amanda van Wyk uthe bathole izibhamu ezintathu ngesikhathi kuboshwa abasolwa.
“Olunye uphenyo luveze ukuthi izibhamu ezintathu ezishaqwe kanye nemoto yabasolwa zihlobene namanye amacala obugebengu,” usho kanje.
Ukuhlenga kubandakanye izinhlaka eziningi zamaphoyisa okuhlanganisa nophiko olulwisana nokuthumba, iCrime
Intelligence, iGauteng Highway Patrol, iLocal Criminal Record Centre, iSAPS Ivory Park, iGauteng Traffic kanye ne-JMPD. Izinkampani zonogada ezizimele nazo zisile .
Esithombeni esingenhla: Abasolwa ababoshiwe.
Umthombo: Sithunyelwe