Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
- Amaphoyisa kuthiwa adubule abulala uLulamela Dyantyi ngesikhathi ezama ukumisa imoto yakhe njengoba ebeyaleliwe.
- Lesi sigameko sokudubula senzeke ngesikhathi umndeni ubuya emngcwabeni, njengoba usuzophinde ungcwabe futhi.
Umndeni ososizini wase-Eastern Cape ufuna izimpendulo ngemuva kokuthi amaphoyisa edubule abulala indodana yawo ngesikhathi ilandela imiyalelo yawo yokuthi imise imoto.
ULulamela Dyantyi ubeshayela ehamba nomndeni wakhe bebuya emngcwabeni ngoMgqibelo odlule ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko ngasehlathini eliseQhokama, eNgqeleni.
Unina uNomveliso Dyantyi obesemotweni ulandise ngokuthi kwenzeke kanjani.
“Besiphuma emngcwabeni womndeni ngalelo langa, bekunenkungu sidlula ehlathini laseQhokama, sabona imoto yamaphoyisa isilandela ikhombisa ukuthi sime. Wathi esazama ukumisa imoto uLulamela kwaqhamuka inhlamvu yamshaya ngemuva kwendlebe, imoto yabe isiphaphalaza ingena ehlathini yama ngasezihlahleni,” kusho yena.
Uyise kaLulamela, uMnuz Mthobeli Dyantyi, uthe amaphoyisa awanayo incazelo yokuthi kungani edubule imoto.
ULieutenant Colonel uSiphokazi Mawisa wamaphoyisa ase-Eastern Cape utshele iScroll.Africa ukuthi ithinte i-Independent Police Investigative Directorate (IPID).
Okhulumela i-IPID uPhaladi Shuping uthe bayalubheka udaba lokudubula.
“Sisaluphenya lolu daba, uma kukhona amalungu ethu atholakala ephule umthetho kuzofanele aphendule,” usho kanje.
Okwenza izinto zibe nzima kakhulu, iNkosi Mpumalanga Gwadiso, onguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu e-Eastern Cape, ithe amaphoyisa awafuni ukusiza ukukhokhela umngcwabo.
“Akekho ofuna ukusiza ngomngcwabo wale nsizwa, umndeni udonsa kanzima wodwa,” usho kanje.
Esithombeni esingenhla: uLulamela Dyantyi odutshulwe wabulawa ngamaphoyisa.
Umthombo: Sithunyelwe
