Amaphoyisa achitha awokuthi kuboshwe abasolwa ngokubulala u-AKA 

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal ayichithile imibiko yokuthi kuboshwe abasolwa ecaleni lokubulawa uKiernan “AKA” Forbes.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe imibiko “engakaqinisekiswa” mayelana nokuboshwa kwabantu ibilokhu isabalala futhi idukisa umphakathi.

Imibiko ebhalwe emaphephandabeni amaningi iveze ukuthi kuboshwe amadoda amathathu ngeSonto eKapa mayelana nalesi sigameko sokubulala ngesihluku.

Abesilisa okukhulunywa ngabo baphuthunyiswe eThekwini ukuze bavele enkantolo.

“Le mibiko inamandla ngangangokuthi ibeka engcupheni izimpilo zabantu okuthiwa baboshiwe,” kusho uNetshiunda.

“Amaphoyisa acela ukunikwa isikhathi sokuphenya ngalolu daba ngaphandle kwengcindezi engadingeki kanye nokucutshungulwa okungenasidingo okuvela kubaphenyi mbumbulu, abahlaziyi kanye nemithombo engaqondakali ethi iseduze nophenyo.”

UNetshiunda wengeze ngokuthi amaphoyisa azokhipha imininingwane mayelana necala uma kukhona okuvelayo.

Umndeni wakwaForbes ukhiphe isitatimende ngoLwesithathu ucela abalandeli ukuthi “bakhale ngendlela efanele”.

“Siyazi ngokwanda kokungeneliseki komphakathi okuhlobene nenqubekelaphambili esiyenziwe ophenyweni.

“Kodwa-ke, njengomndeni sikhathazeke kakhulu ngokuthi izenzo zokungaziphathi kahle, izinsolo kanye nokucabangela kungase kudale umonakalo omkhulu,” kusho umndeni esitatimendeni esifakwe ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesithathu.

Umndeni wengeze ngokuxwayisa umphakathi mayelana nama-akhawunti omgunyathi acela imali yeminikelo noma yokutshalwa kwezimali.

“Asikawavuli ama-akhawunti omnikelo, futhi asikaze sicele ukutshalwa kwezimali,” kwengeza isitatimende.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Esithombeni esingenhla: U-AKA

Izihloko zakamuva