Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Izikhulu zamaphoyisa zicekele phansi izidakamizwa cishe ezingabiza imali engaphezu kuka-R90-million eKapa ngoLwesine.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Athlenda Mathe uthe izidakamizwa ezitholakele kubalwa i-tik, i-cocaine ne-mandrax, zonke zishaqwe ngesikhathi amaphoyisa esebenza eWestern nase-Eastern Cape evimbe umgwaqo nangesikhathi eqhubeka elandelela loludaba.
Uthe lolu uhlelo lwesine lokuqeda izidakamizwa kulo nyaka. Ukucekelwa phansi kwezidakamizwa kwakamuva kwenzeka eGauteng ngoMfumfu nyakenye lapho kwacekelwa khona izidakamizwa ezingabiza u-R800-million. Kulo nyaka wezimali uwodwa, izidakamizwa ezibiza izigidigidi zamarandi zicekelwe phansi.
“Ngonyaka wezimali ka-2022/2023 kucekelewe phansi amathani ayisithupha ezidakamizwa ezibiza u-R2-billion,” kusho uBrigadier.
Izidakamizwa ezicekelwa phansi ezihlanganisa lezo ezishaqwe ngesikhathi somkhankaso wokuqeda izidakamizwa:
- EVredenburg amaphoyisa asebenzise ubufakazi ayebutholile aya ekhelini lapho kushaqwe khona iloli elalilayishe amaphilisi e-mandrax enani lika-R10-million. Kuboshwe abasolwa abane kwathi oyedwa wabasolwa uHosia Mbuluheni Mathono wagwetshwa iminyaka engu-15 ebhadla ejele.
- EBeaufort West, i-Mandrax yenani lika-R2.5-million umsolwa walahlwa icala wagwetshwa iminyaka engu-12 ejele.
- EBeaufort West kwashaqwa i-tik engabiza u-R18-million. Abasolwa bagwetshwe iminyaka engu-15 bebhadla ejele.
- ESwellendam, kwashaqwa amaphilisi e-Mandrax anenani elingu-R4.5-million. Abasolwa bagwetshwe iminyaka emihlanu bebhadla ejele.
UKhomishana Kazwelonke we-Saps, uGeneral Fannie Masemola obehola lo mkhankaso uthe amaphoyisa aphumelele kakhulu ekuvimbeleni izidakamizwa kuleli.
“Ezinyangeni ezintathu ezedlule amaphoyisa ashaqe i-cocaine engabiza u-R200-million echwebeni lokungena,” kusho uGeneral Masemola.
“Izidakamizwa ze-cocaine zashaqwa echwebeni laseThekwini ngoMfumfu kanti ezinye cishe ezingabiza u-R65 million zashaqwa ngoLwezi echwebeni laseGqeberha.
“Lokhu kucekelwa phansi kwezidakamizwa kukhombisa imizamo engapheli yamaphoyisa ethu asebenza kanzima ukususa lezi zidakamizwa ezicekela phansi izimpilo zabantu.”
Isithombe esingenhla: Amaphoyisa ashaqa izidakamizwa.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe