Amaphoyisa acekele phansi izidakamizwa ezibiza izigidi

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Amaphoyisa acekele phansi amathani amahlanu ezidakamizwa ezingabiza izigidi ezingu-R550 emkhankasweni obuse-Olifantsfontein ngaseTembisa ngoLwesithathu.

Phakathi kwezidakamizwa ezicekelwe phansi kubalwa i-cocaine engabiza izigidi ezingu-R185 ne-heroin engabiza izigidi ezingu-R28.

UKhomishana wamaPhoyisa kazwelonke uGeneral Fannie Masemola uhole lo mkhankaso futhi wajoyinwa izikhulu zamaphoyisa eziningi kanye nezinye izikhulu ezikhethekile.

Egqoke izinto zokuzivikela, uGeneral Masemola nethimba lakhe lezikhulu eziphezulu bavule iloli elingamathani amahlanu obekuthwelwe ngalo izidakamizwa.

UMasemola uthe lezi zidakamizwa zishaqwe ngesikhathi kuqhubeka umsebenzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal, eMpumalanga, eNorth West, eGauteng, eFree State naseLimpopo.

Ngesikhathi izikhulu ebezigqoke amagilavu ​​nezifonyo zikhipha izidakamizwa kuqhamuke iphunga elinamandla endaweni evulelekile lapho bekukhishwa khona izidakamizwa ukuze zicekelwe phansi.

Sekungokwesibili amaphoyisa ecekela phansi izidakamizwa ezibiza izigidi zamarandi ngesonto.

Ngesonto eledlule amaphoyisa acekele phansi izidakamizwa zenani lezigidi ezingu-R90 ezithathwe ngesikhathi kuqhubeka umsebenzi wamaphoyisa eKapa.

Elandisa abezindaba uGeneral Masemola uthe kulo nyaka wezimali uwodwa, zingaphezu kuka-R1 billion izidakamizwa ezicekelwe phansi.

Ngonyaka wezimali ka-2022/2023, amathani ayisithupha ezidakamizwa zenani lika-R2 billion ashaqwe amaphoyisa acekelwa phansi.

UMasemola uthe uphiko lwamaphoyisa olulwa nezidakamizwa kanye nazo zonke ezinye izikhulu lusebenza kanzima ukuqeda ubugebengu obuhlobene nezidakamizwa ezindaweni ezahlukene zezwe.

Phakathi kwezidakamizwa ezicekelwe phansi ngoLwesithathu kubalwa i-mandrax, i-cocaine, i-tik, i-heroin nezidakamizwa ezingabhalisiwe.

Ekhuluma ne-Scroll.Africa ngemuva komsebenzi wabo wokuthola izidakamizwa, uGeneral Masemola uthe izidakamizwa zicekelwa phansi kuphela ngemuva kokuphothulwa kwecala enkantolo.

Uthe amaphoyisa asethubeni lokunqoba impi yokulwa nesihlava sezidakamizwa eNingizimu Afrika ngokubambisana nabezinhlaka zomthetho zamazwe ngamazwe.

Nokho unxuse izakhamuzi zakuleli ukuthi zisize amaphoyisa ekulweni nezidakamizwa.

“Siyavuma ukuthi ziningi izidakamizwa ezigcwele emigwaqeni.”

“Amaphoyisa nabo bonke abanye ababambiqhaza benza konke okusemandleni ukuthola izidakamizwa. Senza imikhankaso ezikoleni ne-Operation Shanela kazwelonke esiza ekuqedeni izidakamizwa kuleli”

Isithombe esingenhla: Amaphoyisa enza umkhankaso wawo wokucekela phansi izidakamizwa.

Umthombo wesithombe: U-Everson Luhanga

Izihloko zakamuva