Lubhalwe nguZukile Majova
UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ubelokhu emagange ekulweni nobugebengu kulesi sifundazwe ezinyangeni ezintathu ezedlule.
Amaphoyisa abulale okungenani izigebengu eziyingozi ezingu-31 ezikhethe ukudubulana namaphoyisa ngesikhathi kuboshwa abasolwa abangaphezu kuka-35 000 esifundazweni.
Kusukela ngoMbasa, amaphoyisa awagcinanga nje ngokuqinisekisa indawo ephephile yokuthi abantu bavote okhethweni lwangomhlaka-29 kuNhlaba kodwa aphinde athola izibhamu ezingaba ngu-1 000 ezingekho emthethweni kanye nezinkulungwane zezinhlamvu.
Lesi sifundazwe sesidume kabi njengendawo efuye izinkabi kanti zivame ukumataniswa nempi embonini yamatekisi.
Lezi zinkabi sezisabalale zaze zafika e-Western Cape, e-Eastern Cape, eMpumalanga kanye naseGauteng.
Ecaleni elidume kabi, izinkabi ezimataniswa nokubulawa kwabantu embonini yamatekisi zishushiswa ngokubulala umrepha u-AKA.
Esithangamini nabezindaba ngoLwesihlanu, uMkhwanazi uthe amaphoyisa aphinde abhuntshisa uhlelo lokudayisa izidakamizwa ezingaphezu kwamathani amabili ezibiza izigidi zamarandi.
Amaphoyisa ophiko lwezobunhloli avimbe okungenani ukubanjwa inkunzi okuhleliwe kwezimoto ezinhlanu zemali, athola izimoto ezebiwe ezingu-700 futhi axosha amalungu akwa-SAPS angu-25 abethinteka ezenzweni zobugebengu nokungaziphathi kahle.
Kuleli sonto eThekwini kudutshulwe kwabulawa abasolwa abane kwathi omunye walimala esigamekweni sokudubulana namaphoyisa e-Sydenham ngoLwesithathu. Abasolwa bebefunelwa amacala ahlukene odlame okubalwa kuwo ukubamba inkunzi izimoto zemali, ukugebenga kanye nokubulala.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshiunda uthe “Abasolwa bebesendleleni beyobulala owesilisa nonogada bakhe ababili. Abasolwa bebefunelwa namacala okubulala abantu abaningi abathinteka embonini yezokwakha.”