Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Abasolwa abahlanu ababandakanyeka esigamekweni sokuphanga imoto yemali ku-N6 phakathi kwase-East London naseStutterheim badutshulwe bafa amaphoyisa ngemuva kwamahora angu-11 benze ubugebengu.
Ekuseni ngoMsombuluko, iqulu lezigebengu liphazanise imoto yemali ye-SBV emgwaqeni, yagingqika.
Kube nokudubulana phakathi konogada nezigebengu ngaphambi kokuthi izigebengu ziqhumise imoto ngebhomu zabaleka nemali.
Okhulumela oKlebe esifundazweni uCaptain Yolisa Mgolodela uthe uphiko oluphenya ngala macala lifice abasolwa emzini oseKom, eKeiskammahoek.
Abasolwa baqale ukudubula bebhekise emaphoyiseni bephethe izibhamu.
“Amaphoyisa adubule abulala abasolwa abahlanu. Imali itholwe ezikhwameni zemali,” kusho uMgolodela.
Amaphoyisa athole umbiko wokuthi abasolwa ngokuphanga bebecashe emzini oseKom. Ngesikhathi besabheke khona, kuqhamuke imoto yabadlula ngesivinini eKom, ibheke eCradock.
“Imoto idutshulwe, umshayeli wehluleka ukuyilawula kwaboshwa abasolwa abathathu nesamba semali esingadalulwanga. Baboshwe khona lapho. Kuthathwe izibhamu nemali,” kusho uMgolodela.
Ngesikhathi amaphoyisa eqhubekela kulo muzi okukhulunywa ngawo, abasolwa baqale ukudubula ase nawo aphindisela ngenhlamvu, bashona bobahlanu.
UNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi e-Eastern Cape uXolile Nqatha uncome amaphoyisa ngokuvikela umthetho nokungazinikeli ezigebengwini.
Isithombe esingenhla: Amalambu amaphoyisa.
Umthombo: Ifayela