Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Kubulawe abasolwa abayisishiyagalombili emva kokubanjwa kwetulo lokubamba inkunzi imoto yemali eTown Two, eKhayelitsha, eKapa, ngoMsombuluko ebusuku.
Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape, uBrigadier Novela Potelwa, uthe abasolwa babanjwe yithimba lamaphoyisa nezikhulu zezokuphepha emva kokulunywa indlebe mayelana neqhinga lokugetshengwa kwemoto yemali.
Abasolwa bavulele ngenhlamvu, okuholele ekutheni amaphoyisa aphindisele kwashe kufa abantu abayisishiyagalombili kwaboshwa abahlanu babo.
Amaphoyisa ashaqe izibhamu ezinulu okukhona kuzo ama-AK-47 eziyisikhombisa, ama-R5 amabili, iR4 eyodwa kane nezibhamu ezimbili zohlobo lwe-9mm kanye neziqhumane ezintathu kanye nomagazini abaningi bezinhlamvu.
Abaseshi bayaphenya futhi balandele eminye imikhondo.
USihlalo weKhayelitsha Development Forum, uNodumo Khuthuka, uthe lesi sigameko sikhombisa ukuthi sekuyisikhathi sokuthi umphakathi usukume.
“Angicabangi ukuthi okwenzekile kuzoletha ushintsho eKhayelitsha; njengabaholi namalungu omphakathi sidinga ukusebenzisana ne-SAPS. Ubugebengu buphezulu kakhulu, asiphephile emakhaya ethu,” kusho uKhuthuka.
Uthe nokuya ezitolo sekuyasabisa.
“Uma singasukumi manje, izigebengu zizocabanga ukuthi ziyasibusa. Asikuthandi okwenzekayo, kodwa kuze kube senza okuthile ngakho ubugebengu buzoqhubeka budlondlobala,” kusho uKhuthuka.
UKholiswa Mathe, isakhamuzi saseKhayelitsha, uthe: “Ngidabukela imindeni ebingahambisani nobugebengu babasolwa. Kodwa kulabo abebazi futhi abangenzanga lutho, ngiqinisekile ukuthi bebelulindele lolu suku babazi ukuthi luzofika.”
Uthemba ukuthi ukufa kuzoletha ukuthula.
“Yonke imiphakathi yaseKapa idinga ukuthula nendawo yokuphefumula sesihlalele ovalweni ngenxa yezigebengu. Mhlawumbe ngemuva kwalokhu bazohlehla,” kusho uMathe.
Esithombeni esingenhla: Kudutshulwe kwabulawa abasolwa abayisishiyagalombili elokishini laseKhayelitsha, kwaboshwa abahlanu.
Umthombo: Sithunyelwe