Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Kubulawe abasolwa abathathu KwaZulu-Natal ngesikhathi bedubulana namaphoyisa ezigamekweni ezahlukene, kwalimala namaphoyisa amathathu.
Isigameko sokuqala sokudubula senzeke ezintatha ngoLwesithathu endaweni yasoKhalweni KwaMaphumulo.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa amabili, ukaputeni nowarrant officer, badutshulwe bezama ukubopha umsolwa obefuneka ngamacala okubulala kanye nelokugebenga imoto yemali.
“Ngesikhathi amaphoyisa efika emzini wakhe umsolwa unqabile ukuvula umnyango. Ngesikhathi amaphoyisa engena ngenkani, umsolwa waqala ukudubula walimaza amaphoyisa amabili,” kusho uNetshiunda.
Amaphoyisa aphindisele ngenhlamvu abulala umsolwa. Kutholakale isibhamu kuye. Amaphoyisa alimele ayalulama esibhedlela.
Kwesinye isigameko, nakhona ngoLwesithathu ekuseni, amaphoyisa athungathe umsolwa obefunelwa icala lokubulala nelokuzama ukubulala.
Umsolwa udubule izithandani ngomhlaka-3 kuMandulo emafulethini akuMansel Road, eThekwini. Owesilisa washona, owesifazane yena walimala kanzima. Ingane yabo eneminyaka emithathu ayizange ilimale.
Amaphoyisa alandele umkhondo wakhe emjondolo eCato Crest. Athe efika nje wavulela ngenhlamvu. Amaphoyisa amdubula ambulala.
Kutholakale isibhamu kumsolwa, iphoyisa lathola ukulimala okungatheni kodwa lalashelwa endaweni yesigameko.
Esigamekweni sesithathu sangoLwesibili ebusuku, amaphoyisa aye esigamekweni setekisi ebeyidunwe eMariannhill. Itekisi itholwe kuCato Manor Road, umgibeli waqala ukudubula ebhekise emaphoyiseni.
Amaphoyisa amdubula ambulala. Kutholwe izibhamu ezimbili emotweni. Umshayeli wetekisi uphunyukile, amaphoyisa asamthungatha.
Esithombeni esingenhla: Enye yezindawo zesigameko.
Umthombo: Sithunyelwe