Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Ukudubulana phakathi kwamaphoyisa neqembu labalisa eMilnerton, eKapa, ngoLwesine ebusuku kushiye abane bala madoda befile kwalimala abanye abane.
Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape, uBrigadier Novela Potelwa, uthe lesi sigameko senzeke emkhankasweni wamaphoyisa obubhekene nabasolwa abaqola imali.
“Abasolwa bebegibele ikhumbi ngesikhathi kudubutshulwana,” kusho uPotelwa.
“Kudutshulwe kwabulawa abasolwa abane. Abasolwa abalimele abaneminyaka ephakathi kuka-23 no-38 ubudala, basuka eKapa kanti manje bagadwe amaphoyisa esibhedlela.
“Amaphoyisa aphinde athola izibhamu ezine nezinhlamvu emotweni yabasolwa.”
Amaphoyisa abelandela imoto yabasolwa ngesikhathi beqala ukudubula, amaphoyisa adubula nawo aphindisela.
Isigameko esifuze lesi senzeke emasontweni ambalwa edlule eKhayelitsha, lapho kubulawe abasolwa abayisishiyagalombili ngesikhathi bedubulana namaphoyisa.
UMawandile Ngonjana (50), oyisakhamuzi saseKapa, uthe uyajabula ukuthi awekho amaphoyisa ashonile.
“Ngizwile ukuthi abasolwa bebehlela ukudubula abantu kodwa amaphoyisa ethu abavimba, ngiyajabula ngendlela abasingathe ngayo (lolu daba),” kusho uNgonjana.
Esinye isakhamuzi sithe: “Besike sizwe ngamaphoyisa adubula abasolwa eKZN kodwa manje sekwenzeka nalapha, uma kukhona amaphoyisa aseKZN kuyinto enhle ngoba sibona imiphumela emihle.
“Inqobo nje uma amaphoyisa engakalahlekelwa izimpilo zawo, kuhle. Silahlekelwe ngamaphoyisa anele ezigebengwini. Uma amaphoyisa enethuba, kufanele alwe.”
Isithombeni esingenhla: Ukudubulana kwamaphoyisa kushiye abasolwa abane beshonile kanti abane bagadwe amaphoyisa esibhedlela.
Umthombo: Sithunyelwe