Amaphoyisa aboshelwe ukuthumba, ukushaya nokubamba inkunzi

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Amaphoyisa amane abesebenza esiteshini i-Tembisa Rabasotho aboshiwe athweswa icala lokuthumba, ukubamba inkunzi nelokushaya.

La maphoyisa aboshwe ngoMsombuluko ngemuva kokuthi omunye oyisisulu ewahlonzile.

Kuthiwa abasolwa bafike emzini wakhe begqoke umfaniswano wamaphoyisa, bakhipha isisefo sakhe base bemyisa endaweni esehlane bamshaya bathi akavule isisefo.

Esitatimendeni samaphoyisa esibonwe i-Scrolla.Africa, amaphoyisa amathathu afike endaweni yase-Norkem Park ngase-Kempton Park ehamba ngemoto yamaphoyisa yohlobo lwe-NP 300.

Amaphoyisa amabili atshele isisulu ukuthi azosesha egumbini laso ngoba anolwazi lokuthi udayisa izidakamizwa.

“Baqale basesha emagumbini base bethatha isikhwama esinemali ebesibekwe phezu kukabhasikidi wokuwasha,” kufundeka isitatimende.

“Amaphoyisa amabili aphinde angena egumbini akhipha isisefo odongeni abopha isisulu ngozankosi amfaka ngemuva emotweni yamaphoyisa i-NP 300.”

Wonke amaphoyisa amane abe eseya endaweni esehlane e-Birchleigh nesisulu lapho afike asishaya khona.

“Bamkhiphe emotweni baqala bamshaya bemkhahlela befuna ukuthi avule isisefo. Kube ubuhlungu bodwa kwisisulu ngoba bebelokhu bemnyathela.”

Ngemuva kwalokho, baqale bashayela nesisulu bebheke esiteshini samaphoyisa i-Tembisa Rabasotho ngaphambi kokuthi banqume ukujika baphindela lapho okuhlala khona isisulu.

Ngesikhathi befika endlini yesisulu, amaphoyisa aphinde asesha egumbini laso.

La maphoyisa amane abe esehamba ngemoto aya esiteshini samaphoyisa lapho afike ahlukaniselana khona imali engu-R15 000 okuthiwa ayintshontshele  isisulu.

NgoMsombuluko isisulu sithole ama-SMS ebhange asho ukuthi ikhadi laso belisetshenziswa kwa-Engen View e-Tembisa. Ekhadini kusetshwnzisqe u-R54, u-R49.99, u-R100 no-R250.

Ngalo lolo suku ummangali wazise umphenyi wecala mayelana nemali ekhishwe ekhadini.

Isisulu sithole ucingo oluvela ephoyiseni elimtshontshele. Umseshi usebenzise inombolo ukucupha abasolwa ngesikhathi ebabizela ehhovisi lakhe.

Kungene umsolwa oyedwa wabikela umseshi ukuthi abehamba naye ungaphandle kwesiteshi samaphoyisa uyosebenza.

Bonke babizelwe ehhovisi lakhe, ummangali uhlonze bonke abasolwa abane ukuthi yibona abamthumbile, bamshaya baphinde bambamba inkunzi.

Ngokushesha umseshi ubophe abasolwa abane abangamaphoyisa wabavalela esiteshini samaphoyisa e-Kempton Park.

Bonke abasolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yase-Kempton namhlanje.

Esithombeni esigenhla: Isiteshi samaphoyisa i-Tembisa Rabasotho

Umthombo: Everson Luhanga

Izihloko zakamuva