Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Uthisha oneminyaka engu-33 ubudala uboshelwe ukudayisa izidakamizwa e-Polokwane.
Ubhekene namacala okudayisa izidakamizwa, ukutholakala nezidakamizwa kanye nokuba nesibhamu esingekho emthethweni esinezinhlamvu.
Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo, uColonel Malesela Ledwaba, uthe ukuboshwa kwenzeke ngesikhathi kuseshwa ezindaweni zase-Capricorn ngoLwesine ntambama ngesonto eledlule.
“Amaphoyisa athole imininingwane ngemoto yohlobo lwe-VW Polo esiliva okusolwa ukuthi ihambisa futhi idayisa izidakamizwa enkabeni yedolobha lase-Polokwane.
“Bafice imoto kuGeneral Piet Joubert noRissik Street, bayisesha bathola imali, izidakamizwa ezingabiza u-R20 000, nesibhamu esingekho emthethweni esinezinhlamvu,” usho kanje.
Umsolwa ube eseboshwa kanjalo nemoto yakhe yaboshwa.
Uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Polokwane maduze, kanti uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka.
ULedwaba uthe i-Limpopo Flying Squad ikhuphula imizamo yayo yokulwa nezidakamizwa ezingekho emthethweni.
UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni uLieutenant-General Thembi Hadebe uthe kunesidingo sokuthi kuthathwe izinyathelo ezinqala ngothisha abathinteka ezidakamizweni.
“Othisha abanjalo ngeke bethenjwa ngemfundo yezingane zethu. Sicela umnyango [wezemfundo] ubasuse ohlelweni nasekukhokhelweni imiholo,” usho kanje.
Esithombeni ngenhla: Isibhamu nezidakamizwa ezitholwe kuthisha.
Umthombo: Amaphoyisa ase-Limpopo