Amaphoyisa abophe unogada wesikole ngecala lokudlwengula umfundi

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Unogada (51) wasesikoleni samabanga aphansi i-Sharicrest, e-Lenasia uboshelwe ukudlwengula umfundi (11) nokunukubeza ngokocansi ingane (10) egunjini lonogada esikoleni.

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uLieutenant Colonel Mavela Masondo uthe umsolwa kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yase-Protea maduze ukuze abhekane necala lokudlwengula.

NgoMsombuluko ngomhlaka-28 kuMandulo, unogada wanikeza intombazane ukudla endlini yonogada lapho ayidlwengule khona ephindelela.

Unina wentombazane okungeke kudalulwe igama lakhe ukuze kuvikelwe indodakazi yakhe utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ubone ushintsho ekuziphatheni kwendodakazi yakhe.

“Akazange angitshele ukuthi kwenzakalani kodwa ngibonile ukuthi usezinhlungwini,” kusho yena. “Ukuziphatha kwakhe kube kubi kakhulu ngesikhathi eqala ukuhlala yedwa ekhaya futhi encamela ukuyolala kubo kamngane wami.

“Umngani wami ungitshele ukuthi ubone indlela aziphatha ngayo esolisayo ngesikhathi elele sengathi uzwa ubuhlungu.

“Sinqume ukumbuza wabe esephumela obala ngosizi lwakhe,” kusho umama.

Intombazane itshele umama wayo ukuthi unogada wayiphoqa ukuba ilale ngesisu evestini lakhe.

“Umkhiyele endlini yonogada lapho abelokhu emdlwengula khona,” kusho umama. “Ngokuhamba kosuku umdedele ngombandela wokuthi angatsheli muntu ngale ndaba noma uzombulala.”

Umama wengane ubize umama ohlola amatshitshi waqinisekisa ukuthi intombazane ayiseyona intombi nto.

NgoMsombuluko, amalungu omphakathi ase-Lenasia abhikishe esikoleni efuna ukuba kunqanyulwe inkontileka yomsolwa.

Umholi womphakathi, uTansi Moloi, uthe omunye umfundi, intombazanyana (10), nayo iqhamuke nezinsolo zokuthi unogada wamphoqa ukuba amenze into engcolile ngesikhathi ebuka amavidiyo ocansi egumbini lonogada.

“Sisola ukuthi kungenzeka baningi abafundi abanukubezwa umsolwa ngokocansi, sidinga uMnyango wezeMfundo usize ngosonhlalakahle ukuze usize ekuhlonzeni abanye abahlukumezekile.

“Ngeke siphumule kuze kube umsolwa uthweswe icala ngesenzo sakhe,” kusho uMoloi.

Esithombeni esingenhla: Igumbi lonogada lapho okuthiwa kudlwengulwe khona intombazanyana.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva