Amaphoyisa abophe ungqondongqondo ekuntshontshweni kwezimoto zakuleli

Lubhalwe nguMlungisi Gumede

Amaphoyisa enze igxathu elikhulu ekulweni nobugebengu obengeka emingceleni eManguzi enyakatho neKwaZulu-Natal.

Lokhu kulandela ukuboshwa kowesilisa okukholakala ukuthi nguyena ungqondongqondo ezigamekweni zokuntshontshwa kwezimoto kuleli ziyiswe e-Mozambique.

Umsolwa (44), ubanjwe ngamaphoyisa izolo kanti uzovela eNkantolo yeMantshi yaseManguzi kuleli sonto.

UNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana noMphakathi KwaZulu-Natal, uMnu Sipho Hlomuka uncome amaphoyisa ngokubamba umsolwa obefunelwa uxhaxha lwamacala okuntshontshwa kwezimoto.

Utholwe nezibhamu ezingekho emthethweni. UHlomuka uthe ukuboshwa kwakhe kuseyisiqalo nje futhi baningi abasazoboshwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa abophe owesilisa oweqa esitokisini ngo-2014.

“Uboshwe emngceleni ophakathi kwelakuleli ne-Mozambique ngemuva kokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.”

Lokhu kuboshwa kwenzeke ngemuva kwezinyanga ezimbalwa uhulumeni wase-KZN eqale ukwakha udonga lukakhonkolo eManguzi oluzohlukanisa elakuleli ne-Mozambique. Uhulumeni wesifundazwe ubeke eceleni u-R271 million wokwakha udonga.

Izihloko zakamuva