Everson Luhanga
Umsakazi we-POWER Breakfast uFaith Mangope uboshwe ngoLwesihlanu ngokusolwa ukuthi ushayele ngesivinini se-163km/h esikhundleni se-100km/h.
Amaphoyisa athe ubeshayela ku-M1 weNingizimu nge-Mercedes-Benz yakhe empunga ngenkathi amaphoyisa omgwaqo emumisa ezintathakusa ngoLwesihlanu.
UMangope ungumelekeleli womphathi wezinhlelo uIman Rappetti kusukela ngehora lesithupa ekuseni kuya kwelesishiyagalolunye ku-Power 987.
Okhulumela amaphoyisa ase-Sandton ukaputeni uBheki Xulu uthe uMangope uhanjiswe esiteshini samaphoyisa e-Sandton kanti kamuva wavela enkantolo yemantshi yase-Randburg.
Uthweswe amacala okushayela enganaki kanye nelokushayela budedengu.
UMangope ukhokhe ibheyili yemali eyi-R1 000.
UFaith akuyena yedwa osaboshelwe ukugijima emgwaqeni. Ujoyine abantu abafana no:
• Gareth Cliff we-Cliff Central
• UDJ Sbu, esasengothandwayo wakuKhozi FM, wabanjwa ngoZibandlela kowezi-2007
• Othandwa kakhulu owayesebenza ku-5FM uDJ Fresh, ophinde aziwa ngelika Thato Sikwane, wabanjwa ngoNcwaba kowezi-2009
• Kanye nabanye bezombusazwe abavelele.
UXulu uthe uzobuyela enkantolo yemantshi yase-Randburg mhla zingama-27 kuMfumfu.
Ithimba lakwa-Scrolla.Africa lishayele uFaith ucingo kodwa aluzange lubanjwe.