Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Amaphoyisa abophe omunye wabasolwa beqembu lezigelekeqe eGoli, uMorgan John owaziwa ngelika-Big John ngecala lokubulala.
UJohn uvele eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngoLwesihlanu ngomhlaka-21 kuNhlangulana. Ugcinwe esitokisini kanti uzophinde avele enkantolo maduze nje.
Amaphoyisa esifundazwe athe kamuva izinkundla zokuxhumana bezikhuluma ngezindawo ezihlaselwe yizigelekeqe zithi bangu-13 abantu ababulewe kulezi zindawo kuleli sonto eledlule.
Kodwa-ke, okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uBrigadier Brenda Muridili uthe mathathu kuphela amacala okubulala abikwe ngesonto eledlule, e-Westbury kuphela. Azikho izigameko zokubulawa kwabantu okuhlobene namaqembu ezigelekeqe kwezinye izindawo ezikhungethwe yizigelekeqe, yize abantu bebekusho ezinkundleni zokuxhumana.
“Abakwa-SAPS banxusa abasebenzisi bezinkundla zokuxhumana ukuthi bazibophezele futhi bayeke ukuthumela izinto ezidukisayo ezifaka ukwesaba emiphakathini.”
Uthe isifundazwe sinokungenelela kuzo zonke izindawo ezihlaselwe udlame, njengase-Sophiatown (Westbury), e-Langlaagte (Riverlea), e-Eldorado Park (Ext 1 to 4), e-Orlando (Noordgesig), e-Reigerpark, e-Booysens (Bella Vista & Chrisville), e-Motlakeng (Toekomsrus) kanye nase-Moffat View (South Hills).
UMuridili uthe kukhona amabutho ajutshiwe ukuze kwandiswe isibalo samalungu aphuma ezikhungweni ezilwa namaqembu ezigelekeqe emaphoyiseni asekhaya nsuku zonke.
Uthe kusukela mhla lulunye kuNdasa kuya kuNhlangulana, uphiko olulwa namaqembu ezigelekeqe selukwazile ukubopha abasolwa abangu-106 ngamacala okuzama ukubulala, ukugebenga ngesibhamu, ubugebengu obuhlobene nezidakamizwa, ukutholakala nezimoto okusolakala ukuthi zebiwe kanye nokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.
Ngesikhathi kuboshwa abanye, amaphoyisa aphinde ashaqa izibhamu ezingu-14 nezinhlamvu ezingu-138, izidakamizwa nezikhali eziyingozi kanye nezimoto ezimbili eziduniwe.
“Abaseshi bakwazile ukubopha abasolwa abangu-35 ngamacala okubulala, ukuzama ukubulala kanye nokutholakala nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni,” kusho uMuridili.
Esithombeni esingenhla: Uphiko lwe-SAPS elilwa namaqembu ezigelekeqe.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe