Amaphoyisa abophe owesilisa osolwa ngokubulala iphoyisa ehostela laKwa-Thema

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Iphoyisa le-EMPD uConstable Banele Skosana lidutshulwe lashona esitolo salo ngesikhathi lisathathe ikhefu emsebenzini ngenxa yokugula.

Amaphoyisa abophe umsolwa obakhombise lapho efihle khona isikhali sokubulala emcamelweni wakhe.

Amaphoyisa abambe osolwa ngokubulala iphoyisa likamasipala wase-Kurhuleni esitolo salo.

Amaphoyisa abophe uNhliziyozabantu Magwanyana ehostela laKwa-Thema ngoMsombuluko ebusuku ngemuva kokuncinzwa indlebe. Izithombe ze-CCTV zibasize ukubona ukuthi nguyena owadubula.

Umgilwa, uConstable Banele Skosana, ubesebenza esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International. Udutshulwe amahlandla amaningi esitolo sakhe Kwa-Thema ngoLwesihlanu engekho emsebenzini. Ababulali bathathe isibhamu sakhe.

I-EMPD kanye ne-Gauteng Highway Patrol basebenzisane ukuze kubanjwe umsolwa.

Okhulumela i-Ekurhuleni uThabiso Makgato uthe uMagwanyana uvumile ukuthi wadubula.

“Uhambile wakhomba isikhali sokubulala, isibhamu esinezinombolo ezihlukene egumbini lakhe sifihlwe ngaphakathi komcamelo.

“Ubhekene necala lokubulala nelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu. Umsolwa wesibili usagcwele amathafa kodwa silindele ukuthi kuboshwe abanye abantu,” usho njalo.

USkosana ubesekhefini ngenxa yokugula ngesikhathi ebulawa. Uyiphoyisa lesihlanu elibulwe yizigebengu ezinyangeni ezintathu.

Isipaza wasivula ngonyaka odlule ngemuva kokuba abanikazi bezitolo bokufika bephoqeleke ukuthi baphume baphele kule ndawo. Kusukela lapho, abantu bendawo abathathe izitolo babhekane nezinsongo kanti abanye babulawa.

Osesithombeni esingenhla: UConstable Banele Skosana.

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva