Amaphoyisa abophe owesilisa ngokushona kukanina nomakoti wakubo

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Owesilisa oneminyaka engu-48 ubudala kusolwa ngohlasele abulale unina (78) kanye nomakoti, (60) wakubo, ngento ecijile ngoMsombuluko eGa-Chuene Moshate Village, ePolokwane, eLimpopo. 

Uphinde walimaza umakhelwane nomshana wakhe oneminyaka engu-23, abakwazile ukubaleka bathola usizo.

Okhulumela amaphoyisa aseLimpopo uBrigadier Hlulani Mashaba uthe babophe umsolwa ngosizo lomphakathi.

“Owesifazane (23), olimele, uphuthunyiswe esibhedlela lapho elashwa khona.

“Imbangela yalokhu kubulala ibingakaziwa. Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yasePolokwane maduze ngamacala amabili okubulala nelokushaya ngenhloso yokulimaza,” kusho uMashaba.

UKhomishana wamaphoyisa e-SAPS esifundazweni uLieutenant-General Thembi Hadebe udlulise ukudabuka kwakhe ngokuhlaselwa kwalaba besifazane yilungu lomndeni.

“Sizoqinisekisa ukuthi ubulungiswa buyenzeka kwabahlukumezekile,” kusho yena.

Umholi womphakathi uMatsobane Ngwepe ufuna inkantolo imnqabele ibheyili umsolwa.

“Uyingozi emndenini nasemphakathini wakubo futhi kumfanele ukuvalelwa ajeziswe,” usho kanje.

“Kubuhlungu ukubona abantu besifazane bebulawa ngamadoda okuthiwa ayabavikela. Sicela izinhlaka zomthetho ziqinisekise ukuthi abahlukumezayo bajeziswe ngendlela,” kusho uNwepe.

Esithombeni esingenhla: Amalambu amaphoyisa. 

Umthombo: Ifayela

Izihloko zakamuva