Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
UMalusi Booi, owayeyisikhulu sedolobha laseKapa esiphethe ukuhlaliswa kwabantu, ubengomunye wabantu abayisishiyagalombili ababoshwe uphiko lwamaphoyisa aseWestern Cape ngamacala okukhwabanisa nenkohlakalo.
I-SAPS Anti-Gang Unit isebenzisane nabaphenyi ekuboshweni kwalaba.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Novela Potelwa uthe ukuboshwa kwabasolwa kuyingxenye yophenyo oluthathe isikhathi eside mayelana nokukhwabanisa nenkohlakalo ophikweni lwezokuHlaliswa kwaBantu eDolobheni laseKapa.
UBooi uboshwe e-Eastern Cape ngoMsombuluko ebusuku.
Uphenyo lwaqala ngoNdasa ka-2023 ngesikhathi amaphoyisa esesha amahhovisi eDolobha laseKapa.
NgoLwesibili, kuboshwe abanye abasolwa abathathu eGoli, kwathi kamuva ngalo lolo suku, abane baboshwa eKapa.
Babhekene namacala okushushumbisa imali, inkohlakalo nokukhwabanisa. Bobabili bazovela eNkantolo yeMantshi yaseKapa ngoLwesithathu.
“Lokhu kuboshwa kuyigxathu elikhulu eliya phambili ophenyweni,” kusho uPotelwa, engeza ngokuthi kungase kuboshwe abanye.
UMkhandlu waseKapa uthe uyazi ngokuboshwa kwalaba futhi ubulokhu useka uphenyo lwamaphoyisa. “Sizolandela ukuqulwa kwecala.”
Isakhamuzi, uXolelwa Klass, uveze ukudinwa kwakhe ngosopolitiki abakhohlakele ngokuzwa lezi zindaba.
“Anginendaba ukuthi baphuma kuliphi iqembu lezepolitiki. Lokhu kufakazela nje ukuthi bonke osopolitiki bayefana, abanye bayabanjwa kanti abanye ababanjwa,’ kusho uKlass.
Osesithombeni esingenhla: UMalusi Booi.
Umthombo: DA/Facebook